IQEMBU eliholwa owayengumengameli, uJacob Zuma, iMK, seliyalele amalungu ePhalamende naweziShayamthetho ukuba ashiye ezikhundleni aziphethe eqenjini.
IMK iyalele lamalungu ukuba agxile emsebenzini wawo wasePhalamende naseziShayamthetho.
Lo myalelo uqukethwe encwadini ebhalwe unobhala jikelele weMK, uDkt Sifiso Maseko, ebonwe yiSolezwe. Incwadi kaMaseko ibhalwe ngoLwesithathu.
Ngesikhathi iMK ikhansela ukhetho, uZuma wayevele eshilo ukuthi bonke abazojutshwa kuhulumeni ngeke banikwe izikhundla eqenjini.
UZuma wakhala ngokuthi umkhuba wokuthi abaholi baphathe izikhundla kuhulumeni nasemaqenjini iwona owenza ukuthi inkohlakalo ibhebhetheke.
UZuma wathi ukuphatha kwabaholi izikhundla kuhulumeni nasemaqenjini kubaphendula amasosha azikhuzayo, wathi akekho obakhalimayo noma sebephuma endleleni.
Encwadini, uMaseko ukhumbuze abaholi abathintekayo ngalezinkulumo ezenziwa uZuma ngaphambi kokhetho.
“UZuma wakubeka kwacaca emihlanganweni yeqembu nangesikhathi ekhankasela ukhetho ukuthi amalungu e-MK azojutshwa ezikhundleni kuhulumeni kufanele ehle ezikhundleni aziphethe eqenjini.
“Iqembu likuthumele ePhalamende njengelungu elethembekile. Njengoba usamukele lesi sikhundla, uyaziswa ngokusemthethweni ukuthi awusenasikhundla sokuhola eqenjini.”
Labaholi abathintekayo badonswe ngendlebe ukuba bangaphinde banikeze izinhlaka zeqembu imiyalelo.
Lesinqumo sizochaphazela abaholi abaningi kwiMK.
Phakathi kwabo ohola iMK ePhalamende, uDkt John Hlophe, ophinde abe yiphini likamengameli kwiMK. Lokhu kusho ukuthi uHlophe kufanele ashiye kwesokuba yiphini likamengameli.
Umyalelo kaMaseko usho ukuthi iMK isizokuba nobuholi obusha KwaZulu-Natal. Bobabili umdidiyeli weMK KwaZulu-Natal, uDkt Kwazi Mbanjwa, nomgqugquzeli wayo uMnuz Thobani Zuma, bangamalungu esiShayamthetho.
UMaseko ukhipha lencwadi nje ivele ikhona imvunge ngaphakathi kwiMK njengoba kukhona amalungu afuna ukuthi kube nongqungquthela yokukhetha ubuholi.
Kukhona abakhala ngokuthi abaholi abajutshwe ePhalamende naseziShayamthetho abanaso isikhathi esanele sokwenza imisebenzi yeqembu.
Laba bathi ukungabi nesikhathi esanele kwabaholi abajutshwe ePhalamende naseziShayamthetho ikhona okwenze ukuthi iqembu lingenzi kahle ezinkethweni zokuchibiyela zakamumva.
Mumva abaholi beMK abaqhamuka ezifundeni eziyisishagalombili zaKwaZulu-Natal bahambele emzini kaZuma, beyocela ukuthi kube nengqungquthela yokukhetha ubuholi beqembu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndlhela, ayizange iphumelele.