UMETHULI wezemidlalo uZama Masondo (72), ophase ngamalengiso e-Unisa wathweswa iziqu zeMasters ezifundweni ze-Arts in African Languages, uthi akaqedile ukufunda ngoba isifiso sakhe ukuqhubeka athole iziqu zobudokotela.
UMasondo owazakhela udumo ngematemu afana nelithi, Laduma! Zimbi Indaba Madoda! Uthi umsebenzi wakhe wokumemezela ezemidlalo umenza abe nesikhathi esiningi sokwenza izinto azithandayo njengokufunda.
UZama ozalelwe eBergville, eWoodford, uthi abantu abasha kufanele bakubeke emigqondweni ukuthi imfundo kumele ingabakhathazi.
“Ngisebenza imizuzu engu-90 ngimemezela umdlalo. Ngemuva kwalokho uma ngiphuma enkundleni yezemidlalo, bengiqonda ngqo ekhaya ngiyofunda. Akungimangazanga ukuphumelela kwami ngamalengiso ngoba ngisebenze kanzima, ngingalali ebusuku. Isifiso sami ukusebenzisana nebhodi elibhekele ezolimi kuleli ukuze ngigqugquzele abantu abasha ukuthi bathande ukufunda baphinde bathuthukise ulwazi lwabo lolimi,” kusho uZama.
Uthe maduzane uzokwenza izifundo zobudokotela emkhakheni ofanayo.
“Kuyiphupho lami ukuthi ngigcine sengibizwa ngoDkt Masondo. Ukufunda ngikuqale ngo-2009, kuze kube yimanje. Mina ngeke ngiqambe amanga ngithi ngikhule kanzima. Ekhaya besingabantu abalimayo futhi siphinde sidayise esikoleni nezingane zakwethu nokwenza sikhule, futhi impilo yayisengcono kunamanje isimo asisafani,” kuqhuba yena.
Uveze ukuthi kubo wayengeyona nengane ehlakaniphile kodwa ngenxa yothando ayenalo lwemfundo wabekezela futhi wakholelwa ekutheni uzophumelela emfundweni.
“Ngesikhathi ngisafundela zona lezi ziqu engizitholile, akukho okunye ebengikwenza ukuthatha isikhathi sami esiningi ngibheke izincwadi zami ngenxa nje yokufuna lezi ziqu,” kuchaza yena.
UMasondo waqala ukusakaza kwiSABC ngeminyaka yama-1980, ehumusha futhi ebhalela iziteshi zethelevishini ezazaziwa ngeTV2 noTV3.