IMBOKODO ebiyingxenye yemashi ebizwa nge#Totalshutdown izolo ithi ifuna kubuyekezwe izigwebo zabantu besifazane ababoshelwa ukubulala abantu ababethandana nabo ababebahlukumeza.
Laba besifazane abebemasha eThekwini, begqoke imifaniswano ebomvu neminyama, bebemasha nezinhlangano ezihlukene zabantu besifazane okubalwa kuzo i-Agenda Feminist Media, iKZN Network on Violence Against Women, bebezwakalisa ilaka labo ngezigameko zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besifazane.
Le mashi ibibanjelwe emadolobheni ehlukene kuleli.
Imashi yaseThekwini iqale eCurries Fountain yaphela eCity Hall lapho abesifazne bethule khona incwadi yezikhalo zabo. Bekulindeleke ukuthi incwadi yezikhalo bayethule kwiMeya uNkk Zandile Gumede kodwa bagcina beyethule kuMnuz Mthandeni Dlungwane ongungqongqoshe wezemfundo eKZN ngoba umphathi wohlelo ethe kumele yamukelwe umuntu wesilisa ngoba ibona abahlukumezayo.
UNksz Beverly Mpho Motlabani, onguSihlalo wekomidi ebelihlela imashi yaseThekwini, ethula incwadi yezikhalo uthe bafuna kube noshintsho ezimpilweni zabantu besifazane.
“Sifuna uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, wakhe izindlu eziphephile ukuze abantu besifazane nezingane bahlale ezindlini eziphephile. UMnyango wezeMfundo kumele unake izingane, ubone ukuthi azihlukemezekile, futhi azishayani ezikoleni.”
Uveze nokuthi uphiko lwezokuphepha alubavikeli abantu besifazane emacaleni okudlwengula.
“Kubalulekile ukuthi uma umuntu wesifazane eya esiteshini samaphoyisa ukuthi amaphoyisa amkholwe ummangali emacaleni okudlwengulwa, akufanele ukuthi abesilisa abadlwengulayo bathole ibheyili uma besolwa ngakho.”
Uphethe ngokuthi kumele kube nezigwebo ezithe xaxa kubantu abadlwengulawayo, waphinde wathi kumele kubuyekezwe izigwebo zabantu besifazane ababoshelwe ukubulala abantu ababethandana nabo “ababebahlukumeza” ngoba uma babengababulalanga kwakuzofa bona (abesimame).
Uthe laba besifazane kumele banikwe ithuba lokuthi bafake isicelo sikashwele ngoba babesuke bezivikela.
Lo muntuza naye ubeyingxenye yabesifazane abebemasha eThekwini bezwakalisa ilaka labo ngesihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane izolo
UNkk Lindiwe Thanjekwayo-Mzimela weSouth African Lawyers Association uthe, “Sekwanele ngokubulawa kwabantu besifazane, bafuna nokubona ubulungiswa.”
Uthe abantu besifazane kumele bafundiswe ngamalungelo abo ukuze bakwazi ukuzivikela.
Uqhube wathi kumele bagqugquzelwe ukuthi basebenze baphinde banikwe amathuba emisebenzi.
“Abantu abaningi besifazane abakwazi ukushiya imishado enodlame ngoba sebehlalele ukuthi abasebenzi. Basuke besaba ukuthi uma beshiya abayeni babo ababahlukumezayo abazi ukuthi bazozondla ngani izingane zabo. Yingakho kubalulekile ukuthi abantu besifazane banikwe amakhono okuzithuthukisa ukuze bengeke bahlale emshadweni enodlame ngenxa yokuthi bahlalele imali.”
Umbhali wezincwadi obuye abe ngumlingisi, uGcina Mhlophe, ekhuluma neSolezwe ugqugquzele ukuhlonishwa kwembokodo nabantu abadala kuleli.
“Ukuze izwe liphephe kubalulekile ukuthi abantu bahloniphane. Kumele abantu bazwelane nabantu abasebunzimeni.”
Le mashi ibikhona eTshwane, eGoli, eKapa nakwezinye izindawo kanti abesifazane bebephume ngobuningi bethi, Sekwanele ngokuhlukunyezwa kwabo!