IKHALE kakhulu ngesihlava sokubulawa kwabesifazane imantshi ethe sesiphenduke insakavukela ngesikhathi igweba udilikajele owesilisa waseLindelani owasoconga intombi yakhe.
UMxolisi Mvula (32) kuthiwa wangqubuza odongeni intombi yakhe, uNksz Phindile Mkhize (21) amahlandla ayisikhombisa waze washona.
Isigameko senzeka ngoDisemba 2, 2022 eLindelani, uMvula ecikwa ukuthi umufi wayekade engalalanga kuyena ngayizolo njengoba babekipitile.
Ngemuva kokuba esemngqubuze odongeni, kuthiwa waqhubeka wamgxoba umufi eselele phansi waze wakhihliza amagwebu.
Ngemuva kwalokho kuthiwa uMvula wabaleka kodwa amaphoyisa agcina embambile.
Wafaka isicelo sebheyili kodwa inkantolo yamnqabela ikhala ngokuthi izizathu zokuyicela azibekile azenele ukuthi angayithola.
Izolo iNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma imgwebe udilikajele ngecala lokubulala ngenhloso.
IMantshi uMohamed Motala ikhale ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane yathi kumele sinqandwe. Ithe lesi sihlava siyethusa indlela esesisabalele ngakhona ezweni lonke.
Ithe ukuze sizonqandwa kumele abantu abenza isenzo esifana nesikaMvula bagixabezwe ngezigwebo zodilikajele ukuze nabanye bezofunda.
"Isigwebo sikadilikajele yisona esikufanele ngenxa yonya olukhombisile ubulala umufi. Uma zizoqina izigwebo zabahlukumeza abesifazane nakanjani sizokwehla isibalo sokuhlukunyezwa kwabo,'' usho kanje.
Iqhuba, ikhale ngokuthi uMvula kusukela ekuqaleni ubengakaze akhombise ukuzisola ngakwenze kumufi.
"Umsebenzi wenkantolo wukufaka imfundiso kulabo abasuke bonile ngethemba lokuthi bayofunda emaphutheni abo ngokuhamba kwesikhathi. Ngeshwa akukho esingabe sisakwenza kulabo abasuke sebebulewe,'' isho kanje.
Ngemuva kwesigwebo, uMvula obegqoke ijakhethi emnyama obebonakala ebheke phansi, usukumile waqalaza emuva ebantwini abebekhona wase eyehla. Akukho akushilo kubona.
Abomndeni kamufi bambukile babonakala sebekhala beduduzana.
UMshushisi uKaystree Ramshamujh ufunde incwadi ebhalwe ngunina kamufi, uNkk Vuyile Mkhize echazela inkantolo ngokuthi kwamlimaza kanjani ukubulawa kwendodakazi yakhe.
Kuyona uveze ukuthi usephila ngokuphathwa yikhanda elingapheli futhi elingasalapheki ngenxa yokuthi ucabanga njalo selokhu kwabulawa uPhindile.
Uthe wayazi ukuthi kuyogcina kuphume isidumbu kulobu budlelwano bendodakazi yakhe noMvula.
Uthe yingakho aze ambiza uMvula wamtshela ukuthi ukugwema lokho mabahlukane nendodakazi yakhe kodwa washaya phansi ngonyawo uMvula.
Kuyona uveze ukuthi umufi uyena obeyithemba lempilo engcono njengoba wayesemusha, bekholwa ukuthi uzoba nekusasa eliqhakazile.
Uthe manje sekungumsebenzi wakhe ukukhulisa ingane kamufi ayishiya ineminyaka emithathu.