IMEYA yaseJozini uMnuz Naye Mathe iseveze ukuthi ukushiyela kubaholi bomdabu ukubheka nokugadwa kokulungiswa komgwaqo obekunzima ukulungiswa kwawo endaweni yaseMakhonyeni, eJozini.
Lo mgwaqo uzolungiswa nebhuloho elaziwa ngokuthi iMtshazi bridge, okuvela ukuthi bekunzima ukuwela kulo.
Echaza ngesimo saleli bhuloho uMathe uthe, njengoba sekuyiwa esikhathini sasehlobo nje impilo yomphakathi wakule ndawo ibizoba nzima ngenxa yemvula ebizodala ukuthi banganyakazi.
“Lo mgwaqo sangenelela sawulungisa kungenzeki lutho kuwo, ubusungcono manje yize uwubhuqu, kodwa ukufaka ibhuloho kwasiza kakhulu. Manje ngizokwethula usonkontileka ozofaka itiyela kuwo, ukuze kuthi ngoDisemba ube ususebenza ngenxa yokuthi awumude kakhulu. Umsebenzi lona womphakathi esithemba ukuthi abaholi bomdabu sosebenza nabo kahle ukuze uphele. Kuzoqashwa abantu bakhona la endaweni ukuze kube khona abakutholayo,” kusho uMathe.
Uthe kuzothatha izinyanga ezimbili kuphela ukuwuqeda futhi uzodla imali engango R1.2 million.
Uveze ukuthi uyaziqhenya ngemisebenzi ayihlabela amasoyi engena ekubeni uMeya nezothulwa ekuqaleni kwaleli sonto.