INHLOKO yoMnyango weMfundo eyiSisekelo KwaZulu-Natal, uMnuz Nkosinathi Ngcobo, isinxuse umphakathi ukuba ubambe iqhaza ulwe nenkinga yodlame ezikoleni nasemphakathini.
Lokho kuza emva kwesigameko sangoMsombuluko ekuseni, lapho kudutshulwe kwafa uNksz Duduzile Khumalo, obefundisa uGrade R ePhikiswayo Primary, eNtuzuma, eThekwini.
Isigameko senzeke emagcekeni esikoleni, lapho kugasele khona abalisa ababili abangaziwa, bazenza abazali bezingane ezifunda kulesi sikole, bavulela ngenhlamvu kuNksz Khumalo (46), kubuka izingane zesikole, waphelela khona lapho.
UNgcobo uvakashele isikole izolo, lapho efike wadlulisa khona amazwi enduduzo kothisha, wase ephonsa inselelo yokuthi umphakathi kube khona okwenzayo ukulwa nodlame emphakathini, oselukapakela nasezikoleni.
“SiwuMnyango wezeMfundo sinazo izinhlelo zokuqinisekisa ukuphepha kwezikole, okuwukuqinisekisa ukuthi izikole zibiyeliwe, futhi sihlale sisebenzisana namaphoyisa ukulwa nobugebengu.
“Nokho asikwazi ukwenza konke ngokwethu, sidinga umphakathi usilekelele ngoba izikole zethu zisemphakathini, ngakho sicela wonke umuntu abambe iqhaza ukubhekana nezinkinga ezinje esibhekene nazo,”’ kusho yena.
Eqhuba, uthe bayazi ukuthi kunabazibuza ukuthi kungani onogada abagada ezikoleni bengabaningi, futhi bengahlomi ngezikhali zokuzivikela ebunzimeni obufuze lesi sigameko.
“Inkinga edala lokho wukuthi asinawo umklamo wemali eyanele ukuqasha abantu abaningi, nokuthi asikwazi ukuvumela ukuthi onogada bezikole bahlome ngezikhali eziyingozi ngoba lokho kungabeka impilo yabafundi engcupheni, futhi kungaholela nasekutheni bangakhululeki emagcekeni ezikole,” usho kanje.
Isolezwe lifika kulesi sikole, bekuyisikhathi sekhefu. Izingane bezizidlalela nje ebaleni phandle, ungaphika ukuthi kunesigameko esinjena esisanda kwenzeka emagcekeni esikole.
Nokho sekuqale isithangami, ebesithanyelwe nawothisha bakulesi sikole, bebonakala ebusweni bengashongo lutho ukuthi baphatheke kabi ngokubehlele.
Kuphethwe isithangami, kwaqhubeka nohlelo obese luvele luqalile, nobeluzothatha usuku lonke, nokweluleka abafundi nothisha, ukubasiza ukubhekana nokuvelile nabakubonile.
Uthishanhloko wakulesi sikole, uMnuz Mthokozisi Mchunu, ubonge ozakwabo ngokuqina nokubhekana nalesi simo esinzima, wanxusa ukuthi baqhubeke nokuzikhandla basize izingane abazifundisayo zibe nekusasa eliqhakazile.