UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal usenxuse umphakathi ukuthi uyeke ukufihla izigebengu nokuthi imindeni yazo ipheze ukuzikhipha ngebheyili uma seziboshiwe.
UNomusa Dube-Ncube usho kanje ngempelasonto emgcwabeni wobeyisishoshovu esilwa nobugebengu bokuntshontshwa kwezimoto, uMnuz Sipho “Juda” Mthethwa (58).
UMthethwa usanda kudutshulwa abulawe abantu abangaziwa ekwakhe egcekeni eThengani, eManguzi, eMkhanyakude.
Amaphoyisa aphenya icala lokubulala, bekungakaboshwa muntu futhi athi kayikaziwa imbangela yokubulala
Undunankulu uthe izigebengu zikhishwa abantu ngebheyili futhi ibona abazifihlayo emizini yabo.
“Uma sikhumbula uJuda, akube sezandleni zomuntu ngamunye ukuthi yini azoyenza noma angayinikela ekulweni nobugebengu buphele nya eMkhanyakude namaphethelo,” kusho uDube-Ncube.
Kumele sibheke ukuthi yini esingayenza ukuvikela impilo yabantu abazinikele ukusebenzela umphakathi ekulweni nobugebengu.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele uthe uMthethwa akangadluli emhlabeni nemisebenzi yakhe emihle kepha ayishiye njengefa kulabo abesebenza nabo.
UCele uvumile ukuthi uhulumeni kumele abhukule ekusebenzisaneni nomphakathi futhi avikele abasekhaleni lalempi.
“Enye yezindlela zokunivikela ukuthi kususwe amasela emphakathini (aboshwe). Enye yezinto ezazicelwe umphakathi ngomlomo kaJuda ukwakhelwa isiteshi samaphoyisa,” kusho yena..
UCele uthe le ndawo inesiteshi samaphoyisa esiseqophelweni eliphezulu okumele sivulwe bese kutshalwa amaphoyisa kufakwe nezinsiza kusebenza.