KHETHA SANGWENI
UNOBHALA - Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula unxuse amakhosi nezinduna ukuthi bangasabi ukushusha uhulumeni bawutshele iqiniso balelwe nentuthuko yabantu basemakhaya. UMbalula usho lokhu ekhuluma ngesikhathi kunesifundo ngenkosi uMhlabunzima Maphumulo, eMkhambathini.
Umcimbi ubuhlelwe yinhlangano yamakhosi iContralesa ngenhloso yokuhlonipha inkosi uMaphumulo eyasocongwa wuhulumeni wobandlululo ngo1991. Inkosi uMaphumulo ike yahlonishwa wuhulumeni ngendondo i-Order of of Luthuli in Gold ingasekho.
Amakhosi nezinduna abethe shaye elalele uMbalula ogcizelele kakhulu ukuthi aabaholi bendabuko balandele ezinyathelweni zenkosi uMaphumulo.
“ Inkosi uMaphumulo yafela ukuthula nobumbano, nani ningasabi ukukhuluma iqiniso. Nilwe nenkohlakalo nilwelwe intutuko yabantu basemakhaya ningavumi ukudlala osopolitiki,’’ kusho uMbalula.
Uphinde wacela abaholi bendabuko nabezenkolo ukuthi bathandazele ukuqeda inkohlakalo ngoba iyaphazamisa ukulethwa kwentuthuko kubantu. Uthe kufanele abantu bafunde ukwehlukanisa ukuthi i-ANC ayone lutho kodwa kuba amazambane abolile ambalwa nje futhi bayalwa nawo.
Omunye umholi obekhona wuSihlalo we-ANC esifundeni iMoses Mabhida uMnuz Mzi Thebola, oyiMeya kaMasipala uMsunduzi uthe kusafanele liphume lonke iqiniso ngokusocongwa kwenkosi uMaphumulo.