ITHOLE izindondo inkampani egaya amaphepha ka-matric KwaZulu-Natal, iProcess Litho yaqwaqwada ezinye izinkampani zakuleli nezakwamanye amazwe kumaGaap Awards.
Kulo mncintiswano kuklonyeliswa izinkampani ngemisebenzi eziyenzayo emikhakheni ehlukene.
Le nkampani ephethwe nguMnuz Muzi Ntombela, ithole indondo emunxeni iLitho Sheetfed-Stationery nakwiLitho Sheetfed-Single Sheet.
UNtombela uthe ukuthola lezi zindondo kuyizinkomba zokuthi benza umsebenzi osezingeni.
Uthe njengoba iProcess Litho iphethwe nghabantu abamnyama, ukuklonyeliswa kwabo ngalezi zindondo kusho ukuthi bayazinikela emsebenzini abawenzayo.
“Besincintisana nezinkampani iningi lazo eliphethwe ngabamhlophe kodwa saphuma phambili.
Njengomuntu okholwayo ngibonga uNkulunkulu okunguye owenza izinto zenzeke ngoba akukhona ukuhlakanipha kwami kodwa konke kusuka kuyena,”kusho uNtombela.
Ubonge abasebenzi bakhe athe bayazinikela kakhulu.
“Ngibonga iqhaza elibanjwe abasebenzi ngoba kulo msebenzi esiwenzayo kudingeka ukuthi bathembeke. Njengoba sigaya namaphepha ka-matric, kubalulekile ukuthi kube nokuthembeka ngoba sisuke siphethe ikusasa lezingane.
Sigaya amaphepha abafundi angaphezulu kwesigidi okuwumsebenzi omkhulu futhi ongelula. Akukaze kuputshuke ngisho iphepha elilodwa lika-matric, umsebenzi wethu usezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho uNtombela.
UMnuz Sfiso Shange, oyiGeneral Manager kule nkampani uthe bekunamajaji ahlukene abejaja imisebenzi yezinkampani ezehlukene.
Uthe imisebenzi ibibekwe yaklela bese amajaji ekhetha umsebenzi osezingeni.
“Kuyintokozo ukuthi sithole izindondo kulo mncintiswano wemboni yonke yokugaya.
Kuyizinkomba zokuthi siwubeka phambili umsebenzi esiwenzayo futhi siyakwazi ukuncintisana nezinkampani ezinkulu. Ukubuya nalezi zindondo emcimbini obuseKempton Park, eGoli muva nje kusho lukhulu nakubasebenzi bethu,” kusho uShange.
Uthe beyinkampani bagunyazwe nayimigomo ethinta ezokugaya okusho ukuthi umsebenzi wabo usezingeni eliphezulu nelibekwe umkhakha wezokugaya.
UShange uthe abagcini nje kuphela ngokugaya amaphepha kamatric kodwa bagayela nezikhungo zemfundo ephakeme izinsiza kufundisa nezinye izinto.
Le nkampani inconywe ngisho uMnyango wezeMfundo eyiSisekelo kuzwelonke ngobudlelwano obuhle enabo njengoba ingakaze ibe nezinkinga selokhu yathatha umsebenzi wokugaya amaphepha ka-matric.
Kulo nyaka bangaphezulu kuka-150 000 abafundi ababhale * -matric esifundazweni.