BONISWA MOHALE
INYUVESI yaKwaZulu-Natal (UKZN) ithi ayinaso isikhungo sokuchibiyela u-matric noma uhlelo olubizwa nge-UKZN Foundation Programme, emuva kokuthi kunabathile abakhohlisa abazali nezingane ukuthi basebenzisana nale nyuvesi.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, iNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ixwayise abazali nezingane ezifunda u-matric ukuthi bangafaki izicelo zokufunda ezikhungweni ezithi zisebenzisana nayo.
Kuthiwa lezi zikhungo zisebenzisa ilogo yase-UKZN futhi ezinye zazo zisebenzisa amabhilidi ase-UKZN.
I-UKZN ithe ayikaze iphasise ukusetshenziswa kwegama layo, ama-campus ayo noma amabhilidi ayo kwezinye izikhungo.
Ithe ayinaso isivumelwano nalezi zikhungo futhi ziphula umthetho uma zisebenzisa igama layo.
Iveze ukuthi lezi zikhungo ziwaka abantu njengoba ezinye zize zisebenzele kuma-campus ayo.
Ithe izozithathela izinyathelo zomthetho izikhungo ezisebenzisa igama layo ukuwaka abantu.
Igqugquzele abafundi nabazali babo ukuthi bangafaki izicelo ezikhungweni zokuchibiyela u-matric ezingekho semthethweni.
Icele abafundi ukuthi babheke ukuthi izikhungo zisemthethweni ngaphambi kokufaka imali kuzona ngokuthi bavakashele i-website yoMnyango weMfundo eyisiSekelo ku: www.education.gov.za noma eyoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ku: www.kzneducation.gov.za noma bacele usizo ezikoleni akade bebhala kuzo u-matric.
Bangavakashela no: https://www.gov.za/services/second-chance-rewrite-matric ukuthola kabanzi ngezinhlelo zokubhala kabusha noma ukuchibiyela u-matric uma bengenzanga kahle.