UKUSEBENZA kuzoba lula futhi kusheshe kunokwejwayelekile enkampanini yezokuthutha iTransnet, ngenxa yohlelo ne-Durban Container Terminal (DCT) lokwenyusa iziqukathi (container) ngeziwu-100 zokusiza ukuthutha impahla, izithuthi zempahla eziwu-20 nemishini eyisishiyagalolunye yokuthwala impahla, eqale ukulethwa ngoDisemba wanyakenye, okuzoze kube wuMeyi wanonyaka iqhubeka nokulethwa.
Ukuzama ukubuyisela isimo kwesijwayelekile emva komonakalo owadalwa yigciwane iCovid-19, iTransnet Port Terminals itshale u-R3.4 billion nonyaka, okusize i-DCT okuyiyona ehlomule kakhulu kulokhu.
Ngaphezu kwalokho, kube khona imishini yokuthwala impahla emine, amaloli athwala athwala impahla awu-40 nezinqola eziwu-67, okulindeleke ukuthi ilethwe kusukela ngo-Ephreli kuya kuDisemba nonyaka.
Ekhuluma emcimbini wokwethulwa lolu hlelo izolo, uSihlalo webhodi leTransnet, uMnuz Andile Sangqu, uthe lolu hlelo luyingxenye yezindlela abazisebenzisa ukubhekana nezinselelo ezaholela ekutheni kuphazamiseke indlela abasebenza ngayo.
“Izinhlelo zokutshala imali ezifuze lolu ziqinisekisa ukuthi umbono wethu wokuthi zonke izinto zenzeke ngendlela efanele emsebenzini, kanti nokusebenzisana kulokhu kusize kakhulu ukuqinisekisa ukuthi konke kuba yizinga eliphezulu,” usho kanje.
Esinye sezikhulu eziphezulu zeTransnet Group, uNksz Michelle Philips, sithe: “Ukufika kwale ngqalasizinda kuyingxenye yezinhlelo ezinkulu zokuthi kukhushulwe izinga ngendlela okusetshenzwa ngayo. Kuzothi ngo-2026, kwenzeke okufanayo eGqeberha naseKapa, ukusiza ukwenza umehluko obonakalayo. Kanti sijabule nangokuthi le ngqalasizinda ingeyezinga eliphezulu nelihambisana nezidingo zokusebenza kwamanje.”
Akusikho okokuqala iTransnet yenza uhlelo olunjena njengoba nyakenye, yenza okufanayo kwandiswa ingqalasizinda yokuthi kuqhubeke futhi kusheshe umsebenzi. Lolu hlelo lokwandisa impahla luzohlomulisa izikhumulo zeTransent eRichards Bay, e-East London, eKapa naseSaldanha Bay.