INTATHELI YESOLEZWE
SIDUME umhlaba wonke isitayela sokuzithwebula ngeselula esibizwa nge-selfie. Kungabe uzithwebula wedwa noma uzithwebula nabangani bakho, lesi sitayela sidla ubhedu kulezi zinsuku.
Abantu abangakuqapheli kodwa uma bethatha i-selfie bebaningi yingozi abazibeka kuyona ngasohlangothini lwezempilo.
Ongoti sebeqhamuke nesexwayiso sokuthi lo mkhuba wokuthatha ama-selfie ungabeka abantu enkingeni yokuthelelana ngezintwala, njengoba abantu besondelana kakhulu ikakhulukazi ngamakhanda uma bezishutha.
Usokhemesi uGiulia Criscuolo uthi imvamisa izintwala zivame ezinganeni ezisakhula futhi kulula ukuthi uthelele omunye umuntu ngazo nangokusebenzisa izigqoko, amathawula, amakama, ama-brush nemicamelo.
Ongoti sebexwayise ngokuthi izingane zithelelana ngezintwala ngokushutha ama-selfie nabangani bazo. UCriscuolo uthi izingane kumele zixwayiswe kakhulu ngokuthintana ngamakhanda, ikakhulukazi ngezinsuku zesikole.
“Izingane zivamise ukuhlala zisondelane ikakhulukazi uma zisebenzisa izinto zobuchwepheshe noma zithatha ama-selfie, okungaholela ekutheni zithelelane ngezintwala,” usho kanje.
Weluleke abazali ngezinto ezingagwema ukuthelelana ngezintwala yilezi:
n Fundisa ingane yakho ukuthi ingasebenzisi nabanye abantu izinto zasekhanda noma ithintane ngekhanda nabanye abantu ngesikhathi besebenzisa amaselula noma ama-tablet.
n Uma ingane yakho inezinwele ezinde, qinisekisa ukuthi zihlale ziboshiwe ukuze zihlale zithothene.
n Njalo ngesonto hlola izinwele zengane yakho imizuzu engu-10 kukhanya bha ukuze ubone kahle ikhanda.
n Uma ingane yakho inezintwala, ungayiyisi esikole, bikela uthisha ngokushesha.
n Ukwelapha izintwala, sebenzisa i-shampoo eyenzelwe ukuzibulala etholakala emakhemesi. Ikhona nemithi yokuzigwema.