Izindaba

I-RBIDZ ne MISA ihlomise abafundi baseNtambanana ngolwazi lokwakha impilo engcono

Partnered Content|Published

Bebephume ngobuningi babo abafundi baseMgezeni Secondary naseMningi High becotshelelwa ngolwazi lwemikhakha eyahlukene eNtambanana, Empangeni ngoLwesine.

Image: Sithunyelwe

ABAFUNDI basezikoleni ezimbili zaseNtambanana, eMpangeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal, bathole ingqayizivele yethuba becetshiswa ngezindlela zokwakha ikusasa eliqhakazile, begxile ekubalulekeni kwemfundo nasekugwemeni izinselelo ezingabavimbela empumelelweni.

Lokho kwenzeke ngoLwesine, emcimbini obusenkundleni yezemidlalo yakule ndawo, obuhlelwe wuphiko olubheke ukuthuthukiswa komnotho nokuheha abatshali zimali kule ndawo iRichards Bay Industrial Development Zone (RBIDZ) ngokubambisana nophiko loMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu olubhekele ukuthuthukisa ingqalasizinda kaMasipala,iMunicipal Infrastructure Support Agent (MISA).

Kulo mbuthwano bekuhlangene abafundi ababalelwa ngaphezu kuka-600 bezikole ezimbili zakule ndawo bakwaGrade 12 okuyiMningi High neMgezeni Secondary, lapho becotshelelwe khona ngolwazi lwemikhakha eyahlukene okumele beyilandele nengabasiza ukuchuma emfundweni.

Ethula inkulumo yosuku kulo mbuthwano, uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ukhuthaze abafundi ukuthi banganqotshwa izimo abakhulele kuzo kepha,  basebenzise lezo zimo njengogqozi lokuphokophela empumelelweni, bagxile ekunakeni imfundo yabo.

“Sebenzisani isimo eniphila kusona njengensika yokunikhuthaza ukuba niphokophele ngemfundo yenu futhi nikhuthalele ukusebenzisa yona ukuphumelela. Lokho ngikwazi ngami ukuthi angikhulanga ngiyisigwili esicaphuna kusale; nami ngingomunye wabantu abakuqonda kahle ukuthi kunjani ukukhulela emndenini oswele. Kepha futhi ngiwufakazi wokuthi ukuzibophezelela emfundweni kuyasiza ukushintsha isimo sakini,” usho kanje.

“Lokhu enikufundiswa nenizocotshelelwa ngakho namhlanje kumele nikusebenzisele ukuthi nivule iminyango evaliwe. Kumele nikubeke emahlombe enu ukusebenzisa imfundo ukushintsha nokuphucula izimo enikhulela kuzona. Ukuzibophezela kwenu nokuqinisekisa ukubamba ngezandla zombili wonke amathuba okufunda nawezemfundo eninikezelwa ngakho kusukela namhlanje kuzokhuthaza nathi siwuhulumeni ukuthi sinilekelele nganoma yini eniyidingela ukugxila ekufundeni nasekuzithwasiseni ngolwazi,” kusho uHlabisa.

Bebephume ngobuningi babo abafundi baseMgezeni Secondary naseMningi High becotshelelwa ngolwazi lwemikhakha eyahlukene eNtambanana, Empangeni ngoLwesine.

Image: Sithunyelwe

Ungqongqoshe wexwayise abafundi ukuthi badlalele kude nezidakamizwa, wuphuzo oludakayo kanjalo nokunaka izinto ezingenasidingo njengokuqomana besebancane, athi kuphazamisa kakhulu impilo yomfundi futhi kungesinye sezizathu ezenza bengachumi.

“Ngikholwa wukuthi nani nike nibone abangaphambi kwenu abavumela ukubuswa yilezo zinto ukuthi impilo yabo iphazamiseke kangakanani, nokuthi ukungahloniphi, nokungalaleli imiyalelo yabazali neyothisha kuyisana emuva futhi kumisane ndawonye kangakanani. Ngakho nani ngininxusa ukuthi nigweme izinto ezinjalo ukuze ningakhaleli ubisi oluyobe seluchithekile sekungaselula ukulicosha,” kusho yena.

Uthe kumjabulise kakhulu ukuthi lo mbuthwano wenziwe lapho sekusele ngaphansana kwezinyanga ezintathu andukuba kuqale uhlelo lokuhlolwa kokugcina kwabafundi baka-Matric, athi ukholwa wukuthi abakufunde kulo mcimbi kuzobalekelela ukuthatha izinqumo ezifanele malungana nendlela abaqoka ukuyithatha emva kokuphothula ibanga lokugcina.

“Leli thuba lisebenziseni ukuzikhuthaza ukuthi nenze kahle ezifundweni zenu futhi niqhubeke nigxile ekufundeni ukuzilungiselela ukuhlolwa kokugcina ukuze nizoba yingxenye yabafundi abazophasa kahle nikwazi ukuqhubeka nemfundo ezingeni eliphakeme,” usho kanje.

UMnuz Harris Khuzwayo, onguthishanhloko waseMningi High, uthe nabo bajabule kakhulu ngokuthi kube khona ababona kufanele ukuthi benze uhlelo olunjena ukusiza abafundi babo ukuvuleka imiqondo ngemikhakha eyahlukene.

“Lokhu kwehlisa umthwalo kithina bothisha nakuMnyango weMfundo eyiSisekelo ngoba siyazi ukuthi kubuye kushode kwezinye izinto ezidingekayo ezifuze lezi. Sijabule ukuthi abafundi bethu bahlonyiswe ngolwazi oluzokwenza ukuthi baqonde imikhakha eyahlukene abangayifundela, ukusiza ukuthi bangakhethi noma yini ngokududana ngobungani, okugcina kwenza ukuthi bengayitholi imisebenzi yize sebefunde bagogoda,” kusho uKhuzwayo.

Omunye wabafundi bakhona eMningi High, uKwanele Ntetha waseNgwelezane, naye uzwakalise ukujabula nokugculiseka ngakufunde kulolu hlelo, athi lumvule umqondo futhi lwamcebisa ngezinto abengaziqondi ngemikhakha eyahlukene yemfundo ephakeme.

“Ngifunde nobumqoka bokubheka ukuthi unakhono lini nokuthi ungalisebenzisa kanjani ukuthi likusebenzele ukufeza amaphupho akho uphinde ukwazi ukuzimela, into engicabanga ukuthi bekungathatha isikhathi eside ukuthi ngigcine ngiyazi noma ngiyifunde,” kusho umfundi.

Isikhulu esiphezulu (CEO) se-RBIDZ, uMnuz Thabane Zulu, uthe lokho abakwenze ngalo mcimbi kungenye yemikhondo yabo yokubamba iqhaza ukuthuthukisa abantu abasha basezindaweni zasemakhaya ezakhele uMasipala uMhlathuze.

“Kanti futhi asizukugcina lana njengoba sesivele sinezinhlelo zokuthi siqhubeke sihambele kwezinye izikole ukuqhuba umbono ofanayo. Sibabele nokuthi singagcini ngokuhlangana kanjena sikhulume ngomlomo, kodwa siyafisa ukuthi abafundi bavakashele izakhiwo zethu ukuzobona ukusebenza kwethu ukuze bakhuthazeke ngomsebenzi esiwenzayo wansuku zonke ohlanganisa imikhakha eyahlukahlukene njengoba lokhu kungenye yezinhlelo zethu zokufundisa nokuthuthukisa ulwazi kubafundi nasemiphakathini. Sifuna babe nentshisekelo ukulandela imikhakha eyahlukene ezokwenza bachume empilweni, futhi sizimisele ukubalekelela nangemifundaze ezokwenza ukuthi ukufunda kwabo kungabi wumthwalo kubona nakubazali,” kusho uZulu. 

UMnuz Zulu uphinde wabalula ukuthi inkampani iphinde ihlinzeke ngezinhlelo zokucija intsha esiqedile ukufunda ezikhungweni eziphezulu ngezinhlelo zokuthuthukisa ulwazi namakhono okubalwa kulo i-Internship and Learnership Programme eba iminyaka emibili, kanye nezinye izinhlelo zokuthuthukisa osomabhizinisi abasathuthuka.

Umcimbi ubumelwe ngabezikhungo zemfundo ephakeme ezahlukene, izimboni kanye nezinhlangano ezisebenza ngaphansi kukaHulumeni, lapho abafundi bekwaze ukuthola ithuba lokuzibuzela mathupha ngemikhakha eyahlukene yemfundo abayithandayo futhi bacetshiswa nangeminye abangayazi, ebalelwa ngaphansi kwamakhono angavamile kanye nabangayinakile abangayilandela.

“Leli thuba lisebenziseni ukuzikhuthaza ukuthi nenze kahle ezifundweni zenu futhi niqhubeke nigxile ekufundeni ukuzilungiselela ukuhlolwa kokugcina ukuze nizoba yingxenye yabafundi abazophasa kahle nikwazi ukuqhubeka nemfundo ezingeni eliphakeme,” usho kanje.

UHarris Khuzwayo, onguthishanhloko waseMningi High, uthe nabo bajabule kakhulu ngokuthi kube khona ababona kufanele ukuthi benze uhlelo olunjena ukusiza abafundi babo ukuvuleka imiqondo ngemikhakha eyahlukene.

“Lokhu kwehlisa umthwalo kithina bothisha nakuMnyango weMfundo eyiSisekelo ngoba siyazi ukuthi kubuye kushode kwezinye izinto ezidingekayo ezifuze lezi. Sijabule ukuthi abafundi bethu bahlonyiswe ngolwazi oluzokwenza ukuthi baqonde imikhakha eyahlukene abangayifundela, ukusiza ukuthi bangakhethi noma yini ngokududana ngobungani, okugcina kwenza ukuthi bengayitholi imisebenzi yize sebefunde bagogoda,” kusho uKhuzwayo.

Omunye wabafundi bakhona eMningi High, uKwanele Ntetha waseNgwelezane, naye uzwakalise ukujabula nokugculiseka ngakufunde kulolu hlelo, athi lumvule umqondo futhi lwamcebisa ngezinto abengaziqondi ngemikhakha eyahlukene yemfundo ephakeme.

“Ngifunde nobumqoka bokubheka ukuthi unakhono lini nokuthi ungalisebenzisa kanjani ukuthi likusebenzele ukufeza amaphupho akho uphinde ukwazi ukuzimela, into engicabanga ukuthi bekungathatha isikhathi eside ukuthi ngigcine ngiyazi noma ngiyifunde,” kusho umfundi.

Isikhulu esiphezulu (CEO) se-RBIDZ, uThabane Zulu, uthe lokho abakwenze ngalo mcimbi kungenye yemikhondo yabo yokubamba iqhaza ukuthuthukisa abantu abasha basezindaweni zasemakhaya ezakhele uMasipala uMhlathuze.

Isikhulu esiphezulu senkampani i-RBIDZ, uMnuz Thabane Zulu ethula amathuba okuthuthukisa intsha.

Image: Supplied