IQEMBU lepolitiki uMkhonto Wesizwe seliqokele esikhundleni, owayewumholi we-ANCYL, uMnuz Magasela Mzobe.
UMzobe osanda kulaxaza i-EFF abeseyilungu layo wajoyina i-MK, uqokelwe esikhundleni sokuba yinhloko ehhovisini likamengameli weqembu uMnuz Jacob Zuma.
Esitatimendeni esikhishwe yiqembu izolo esiqinisekisa ukuqokwa kukaMzobe, olikhumelayo kuzwelonke uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bayamhalalisela ngokuqokwa kwakhe.
“UMzobe uzobamba iqhaza elimqoka ukusiza umengameli ekwenzeni umsebenzi wakhe eqenjini. Ukuqokwa kwakhe kuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukusebenza ngendlela kwehhovisi likamengameli neqembu nje lonke,” usho kanje.
Ngesikhathi ekhuluma nozakwabo weSolezwe i-IOL, uMzobe uthe ukuqokwa kwakhe kuvule ikhasi elisha kuyena ngakho uzimisele ukwenza umsebenzi wakhe eqenjini ngendlela esezingeni eliphezulu.
“Sizosebenzisa lokho esinakho ukulwa nokucindezelwa kwabantu. Ngijoyine leli qembu ngoba nginenkolelo yokuthi lizokhulula abantu emaketangweni obubha,” usho kanje
I-MK yiqembu eliphikisayo ngokusemthethweni ePhalamende likazwelonke njengoba kubusa uhulumeni webumbano i- National Government of National Unity, oholwa yi-ANC.