UMENGAMELI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, untweze ngendiza phezu kwenkundla iMoses Mabhida ephephezelisa ifulegi leqembu lakhe ebikezela umcimbi. I-IFP izoba nomcimbi wokwethula izethembiso zokhetho eMoses Mabhida, eThekwini, ngeSonto.
Inkundla iMoses Mabhida ibukeka ilokhu iyinkundla yamaqembu ezepolitiki lapho ethula khona izethembiso zawo njengoba i-EFF isibuya khona ne-ANC yenze okufanayo.
Kuyaphithiza ezweni njengoba amaqembu ehlukene ezihlela kahle kubhekwe okhethweni lukazwelonke oluzoba ngoMeyi nonyaka. I-IFP imatasa nomkhankaso wayo ewusabalalisela ezindaweni ezehlukene ngethemba lokuzuza amavoti.
UHlabisa nabanye abaholi bethule indiza yomkhankaso esikhumulweni eVirginia, eThekwini ngoLwesihlanu. Indiza ibinesithombe se-IFP yase igaxwa ifulegi okuthe uma iphakama laphephezela.
Ifulegi linobuso bukaHlabisa nomsunguli weqembu inkosi Mangosuthu Buthelezi engasekho. I-IFP izobe ingenela ukhetho lukazwelonke okokuqala ngaphandle komsunguli wayo uShenge osekhotheme.
Ngaphambi kwendiza i-IFP imemezele ukuthi kube yimpumelelo ukuhanjiswa kohlu lwabazoyimela ePhalamende. Ithe ikwazile ukuthobela umnqamulajuqu obukwe yi-IEC wangoLwesihlanu.
Kulindeleke ukuthi amalungu e-IFP atheleke ngobuningi bawo uma sekwethulwa umyalezo wezethembiso zokhetho okulindeleke ukuthi uphume kuHlabisa.