ZIHAMBA kahle izinhlelo zokuguqula isimo enkampanini ephehla ugesi kuleli, i-Eskom njengoba imemezele ukuthi isiyonge u-R9.59 billion kwizindleko zikadizili kulo nyaka.
UNksz Daphne Mokwena okhulumela i-Eskom uthe bazongile izindleko kudizili njengoba kulo nyaka besasebenzise oka-R3.48 billion kanti ngonyaka odlule ngesikhathi esifanayo base besebenzise oka-R13.07 billion.
“Zihamba kahle izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi i-Eskom isebenza kahle njengoba sikwazile ukonga imali ebesiyisebenzisa kudizili ngo-R9.59 billion,” kusho uNksz Mokwena.
I-Eskom ibisebenzisa udizili omningi uma ugesi ucime kungalindelwe ngenxa yokufa kwemishini.
Kuzokhumbuleka ukuthi sekuphele izinsuku eziwu-135 ugesi ungacimi eNingizimu Afrika.
Ezindaweni lapho ucima khona kungenxa yohlelo olubizwa nge-load reduction, lapho i-Eskom iphoqeleka ukuthi icime ugesi ukuze ivikele ingqalasizinda.
Ngokusho kukaNksz Mokwena, i-load reduction yenzeka kakhulu ezindaweni okuxhunywe kuzo ugesi wezinyokanyoka, ezinemiqasho nezinye esezidinga ugesi omningi kunalowo ingqalasizinda eyayakhelwe ukusabalalisa.
Uthe uma ungacimi ugesi ingqalasizinda - okungama-transformer nokunye - ingasha bese kuthatha izinyanga eziningi ukuba ilungiswe. Ngakho ukugwema leso simo baye bacime ugesi ngezikhathi ezithile.