I-ECONOMIC Freedom Fighters (EFF) isaqhubeka nokusola umengameli Cyril Ramaphosa ngokuthi wenze iphutha elikhulu ngokuxegisa imithetho ethinta ukudayiswa kukatshwala kuleli.
Bezigcwele phama izindawo eziningi ezisemadolobheni ezidayiswa utshwala abantu bebambe olayini kusukela ekuseni kungakavulwa ngisho iminyango yasezitolo ezidayisa utshwala ngoMsombuluko. Kwabaningi injabulo ibibhalwe emehlweni kanti kuze kwaqoshwa ngisho nama-video abantu becula belinde ukuthi bavulelwe.
Kusukela amemezela ukuthi buzodayiswa ngaphansi kwemithetho eqinile kuleli utshwala i-EFF yaphumela obala yathi ayihambisani nesinqumo sikamengameli. Osukwini obekubhiyozwa ngalo kujatshulelwa utshwala i-EFF iphinde yakugcizelela ukuthi ayihambisani nokudayiswa kukatshwala.
"Sisaphinda siyasho futhi ukuthi isinqumo ngotshwala sicabangela kuphela inzuzo yemali ezokwenziwa, hhayi izimpilo zabantu esikhathini sobhubhane nokunyuka kwesibalo sabathelelekile nabashonayo. Umonakalo odalwa ukuphuza ngokweqile utshwala awugcini kuphela ngokushaya umnotho kodwa kuphazamisa nenhlalakahle emphakathini. Ukudayisa utshwala, okunobufakazi bokuthi budala ukuthi abantu bangaziphathi kahle, kuzogqilaza abomthetho, ingqalasizinda yasezibhedlela kuphinde kudale nokushoda kwemithi njengoba kwaziwa ukuthi utshwala buyawehlisa amasosha omzimba," kusho i-EFF esitatimendeni.
Iqhube yaveza ukuthi ingcindezi kubasebenzi bezempilo iphansi njengamanje njengoba besehlile isibalo sabantu abangena ezibhedlela ngenxa yezingozi ezibucayi, iningi lazo ezithinta uphuzo oludakwayo.
"Ngaphandle kokwehla kwesibalo sabantu abangeniswa ezibhedlela, ucwaningo lwakamuva ngobugebengu kuleli luveza ukuthi ukuvalwa kukatshwala kunomthelela ekwehleni kwesibalo sokubulawa kwabantu, amacala okudlwengula, amacala okushaya ngenhloso yokulimaza kanye nawokuphanga uhlomile."
I-EFF inxuse uRamaphosa ukuthi alalele ososayensi odabeni lukatshwala ayeke ukuthobela izifiso zosomabhizinisi bakuleli abamhlophe.
EFF Statement on the Resumption of Alcohol Sales. pic.twitter.com/al0olN4bam
— Economic Freedom Fighters (@EFFSouthAfrica) June 1, 2020