I-EFF KwaZulu-Natal, isisabise ngokuphazamisa uNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube nongqongqoshe bakhe uma bekhuluma kunoma yimiphi imihlangano yomphakathi.
Ithe izokwenza lokhu uma kuwukuthi akunekelwa umphakathi ukuthi yimalini esetshenzisiwe ukuqasha i-sound system nesiteji obekusetshenziswa ngosuku lokudluliselwa kwesitifiketi kwiSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Ifuna kudalulwe nabahleli bomcimbi. Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba yileliqembu, ligxeka uhulumeni wesifundazwe ngelikubiza ngemizamo yokuhlambalaza nokwehlisa isithunzi seNdlunkulu kaZulu, likhala ngomsindo obusezingeni elingagculisi obusetshenziswa eMoses Mabhida elithi kushiye izinkulungwane zabebehambele umcimbi besuka ezindaweni ezehlukene, bengazange bacoshe amazwi obuhlakani enkulumeni yoNgangezwe lakhe njengoba wayengezwakali.
“Usuku oluyingqophamlando alubanga sezingeni ebelilindelekile ngenxa yezinga eliphansi lokuhleleka okwenziwe uhulumeni wesifundazwe ophethe izindaba zasendlunkulu. Namanje abantu basamangele ukuthi izinselelo ngezinga lokungasebenzi kwabantu nezinye izinkinga ezikhungethe umphakathi ziyobhekelwa kanjani uma uhulumeni esabanqabela ukuthi bezwe izwi leSilo, okuyinto efana nokuvukela uMbuso,” kubhalwe esitatimendeni.
I-EFF iqinisekise ukuthi seyibhalele ehhovisi likandunankulu, ifuna izimpendulo ngokuhlelwa komcimbi wokudluliselwa kwesitifiketi, imali okuqashwe ngayo lezi zinsiza ezazisetshenziswa kanjalo nabanikazi bazo.
Leli qembu ligcizelele ukuthi ukugxambukela kosopolitiki emicimbini ethinta indlunkulu okuyimicimbi esuke ibaluleke kakhulu esizweni, kuyinto engamukelekile eliyichaze njengemizamo yokuzicoshela amaphuzu ezepolitiki.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwehhovis ilikandunankulu ayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela uMnuz Lennox Mabaso,olikhulumelayo engakaphenduli imibuzo athunyelelwe yona.