USIHLALO wekomiti lezokuHanjiswa kwaManzi, iMfucuza noGesi, ophinde abe yikhansela leNkatha Freedom Party (IFP), uMnuz Mdu Nkosi, uthe uyayibona imizamo yekhansela le-DA, uMnuz Andre Beetge, yokusebenzisa inkinga yamanzi ukuthola amaphuzu ashibhile kwezepolitiki.
Lokhu kulandela ukuthi i-DA ithe uNkosi akasule esikhundleni ngoba akukho akwenzayo ukubhekana nale nkinga.
Esitatimendeni esikhishwe yikhansela uNkosi, sithe ikhona imizamo abayenzayo ukubhekana nenkinga.
“Siyavuma ukuthi kunenkinga yamanzi ebhekene nedolobha lethu ezodinga ukuzinikela ukubhekana neqiniso elinzima kanye nokuthola izixazululo ezisebenzayo kule nkinga ekhona. Ukulungiswa kwengqalasizinda yamanzi kuzothatha isikhathi futhi nezisombululo zesikhashana, okuhlanganisa nokuhlinzekwa kwamathangi amanzi, sezikhona ukusiza imiphakathi edinga usizo.
“Kulindeleke ukuthi eminye yemiklamo yokulungisa ingqalasizinda yamanzi iphothulwe ekupheleni kukaFebhuwari, kodwa ukulungiswa nokugcinwa kwengqalasizinda yethu yamanzi kuwumsebenzi oqhubekayo mina nethimba lami esisebenza kuwo nsuku zonke,” kusho uNkosi.
Uthe kuyadumaza impela uma kwenziwa okusemandleni ukuqinisekiswa ukuthi amanzi ahlanzekile ayahlinzekwa emphakathini waseThekwini, kodwa kube khona umuntu okhuluma ngale ndlela.
“IMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, nethimba lami besilokhu sivakashela imiphakathi ethintekile kusukela ngoDisemba, siwazisa ngezinselelo nenqubekelaphambili eseyenziwe mayelana nokuhlinzekwa kwamanzi. Sizimisele ngokuthola izixazululo ezihlala njalo zizobuyisela ukuhlinzekwa kwamanzi futhi zilethe usizo oludingeka kakhulu kubantu baseThekwini.
“Sicela amanye amakhansela kwi-DA enze akufanayo esikhundleni sokuxova imiphakathi ngokudlala ipolitiki. Sicela i-DA eThekwini nayo iseseke isabelomali, njengoba ingakaze iseseke, iqinisekise ukuthi singakwazi ukukhomba imali lapho idingeka khona kakhulu.”
“Zingu-41 izindawo ezikhahlamezekile ngenxa yokuvalwa kwamapayipi angu-53 futhi ezinenkinga yokunqamuka kwamanzi okubalwa iMbumbulu, i-Adams Mission, KwaXimba, Cato Ridge, Georgedale, Hammarsdale, Drummond, Cliffdale, Isithumba, Hillcrest, KwaNyuswa, Bothas Hill, Kloof, New Germany, KwaDabeka, Westmead, Mzifazi, Njinga, Mzimnyama, Westmead, Tshelitu, Mzimnyama, Westmead, Mzifa, Mzimnyama, Amaoti, Molweni, Zwelibomvu, Gillits nezinye,” usho kanje.
Uthe bazoqhubekela phambili nezinhlelo zokubuyisela amanzi emiphakathini ethintekile futhi ngeke baphazanyiswe yizikhundla zezepolitiki kanye nomdlalo wepolitiki njengoba sekusondele ukhetho lwamakhansela ngonyaka ozayo.