ISHONA ezintangeni i-ANC KwaZulu-Natal, mayelana nodaba lukaSihlalo wayo onguNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala.
Muva nje, undunankulu ungene ehlazweni ngemva kokuthi kufike iloli yamanzi emzini wakhe eLa Mercy, ngesikhathi abantu bengenawo. Kusuke omkhulu umsindo ngesikhathi kuvela ividiyo yeloli ithela amanzi emzini kaZikalala, abantu bekhala isililo sokuthi ukwenza kanjani ukuthi azithelele yena. Usolwa ngokusebenzisa amagunya anawo, ukuyalela iloli yamanzi ukuthi izothelela yena.
Kwenzeka lokhu nje, isifundazwe simatasa sizama ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezishiye kukhalwa kwasala nabantu dengwane, benganawo amakhaya. UZikalala uqale wathi kwenziwa ihaba kodwa washaya ungqimphothwe waxolisa emuva kokuhlangana nenhlangano iLa Mercy Ratepayers Association, ebikhala kakhulu ngodaba.
UZikalala ujutshwe esikhundleni sikahulumeni ngokomyalelo we-ANC, futhi ungusihlalo wayo esifundazweni. Amaqembu aphikisayo abephakamisa ukuthi kube nezinyathelo athathelwa zona uZikalala, ngesenzo sakhe.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe bakwamukela ukuthi uZikalala uxolisile futhi akukho okunye abasozobuye bakusho.
“ I-ANC kufanele ithini ngalokho ngoba usexoxile nabahlali bayilungisa le nto waxolisa. Manje sekufanele sithini? Sekufanele sihlale sixoxe ngokuxolisa komuntu emhlanganweni,‘’ kubuza uNtombela.
Kwenziwe imizamo yokuthola nombono kaNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, ongatholakalanga ocingweni wathunyelwa imiyalezo, yangaphendulwa.