BABAMBE umoya abaholi be-ANC ababhekene namacala njengoba le nhlangano inomhlangano wokuphothula uhlu lwabazoyimela ePhalamende naseziShayamthetho.
Abaholi be-ANC abangaphezu kuka-70, basengcupheni yokusala ngaphandle ohlwini njengoba bebhekene namacala.
Umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC obizelwe ukuzophothula uhlu, uqale ngoMsombuluko.
Lo mhlangano uzobheka amagama aphakanyiswe ngesikhathi kunemihlangano yamagatsha.
Phakathi kwezinto ezizobhekwa ukuthi ngabe abaphakanyisiwe ababhekene yini namacala, nokuthi banazo yini iziqu zemfundo ezifanele?
Abaholi abaningi be-ANC bavinjwa ukungenela umbango ngesikhathi kunezingqungquthela zokukhetha ubuholi.
Phakathi kwabo kubalwa nosihlalo we-ANC kwisifunda iTheku, uNkk Zandile Gumede, owayephakanyiselwa ukuba angenele umbango wezikhundla ngesikhathi kunengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
UNobhala Jikelele kwi-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bazowabhekisisa amagama abaholi aphakanyiswe amagatsha.
“Kunemigomo okufanele ibhekwe uma siphothula uhlu lwethu. Imigomo icacile. Sizobheka igama ngalilodwa. Sizobheka ukuthi ngabe loyo mholi akanawo yini amacala, sibheke ukuthi azikho yini izinsolo zenkohlakalo ababhekene nazo?”
UMbalula uvele wangena ezintangeni uma ebuzwa ngekusasa lamalungu esigungu esiphezulu okukhona kuwo noDkt Zweli Mkhize, abasolwa ngenkohlakalo.
UMkhize washiya kwesokuba ungqongqoshe wezeMpilo emva kwezinsolo zenkohlakalo.
“Yonke imibuzo sizoyiphendula emva komhlangano wesigungu esiphezulu. Zonke izinto ezithinta abaholi okuthiwa abashenxe ezikhundleni, abathinteka embikweni weKhomishini kaZondo (Jaji Raymond), sizozikhuluma emva komhlangano. Sizochaza ukuthi kungani abaholi abathile bekhona ohlwini, sichaze nangalabo abangekho.”
UMbalula uthe imigomo iqinile kakhulu kwabazomela i-ANC ePhalamende naseziShayamthetho.
Uthe kuzobhekwa nokuthi abanye basebenze kanjani ezikhundleni abebejutshwe kuzo, ngaphambi kokuthi bafakwe ohlwini.
“Uhlelo olude oluzolandelwa. Abaholi baye kwinhlolokhono. UMengameli (uMnuz Cyril Ramaphosa) kwaqala yena kwinhlolokhono. Wahlala amahora amabili kwinhlolokhono, ebuzwa ngemigomo ye-ANC. Bangu-284 abaholi abaye kwinhlokhono.”
UMbalula uthe bazokwazi ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wangoLwesihlanu, obekwe inhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), wokuba wonke amaqembu ezepolitiki alethe amagama abantu abazowamela ePhalamende naseziShayamthetho.
Okhethweni lohulumeni basekhaya olwalungo-2021, i-ANC yehluleka ukuhambisa ngesikhathi amagama kwabanye omasipala, i-IEC yabuye yalula isikhathi.