IHLABELA phambili i-ANC nokuqondisa ubugwegwe umholi weqembu Umkhonto weSizwe uJacob Zuma.
Inhlangano ithumele uMsholozi incwadi imazisa ukuthi isigcawu sokumqondisa ubugwegwe sizohlala ngoJulayi 17, 2024.
Lesi sigcawu sahlehliswa ngenxa yokuthi bekusaqhubeka imikhankaso yokhetho.
Unobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, wakuveza ukuthi ngeke bamyeke uZuma bazomqondisa ubugwegwe ngokukhankasela elinye iqembu, agcine esengumholi walo ngoba uphule imigomo yenhlangano.
UZuma wamemezela ukuthi uzovotela iMK ngoDisemba nyakenye. Ugcine esengumholi weqembu ngokusemthethweni.
Incwadi ethunyelwe uZuma esabalele ezinkundleni zokuxhumana eze yafakwa ngisho yindodakazi yakhe enkundleni i-X, iveza ukuthi isigcawu sokumqondisa ubugwegwe sizokwenziwa ngohlelo lwezobuchwepheshe besimanje.
IMK idlise i-ANC namanye amaqembu ngamapayipi okhethweni lwangoMeyi. KwaZulu-Natal leli qembu licoboshise i-ANC layikhipha emandleni lithola izihlalo ezingu-37.
EPhalamende linezihlalo ezingu-58, kanti lizibona yiqembu eliphikisayo.
Ibamba lomkhulumeli we-ANC uMnuz Zuko Godlimpi, lithe ukuqondiswa ubugwegwe kukaZuma kuzokwenziwa ngohlelo lwezobuchwepheshe.
Uthe lokhu kusuke kuyisivumelwano phakathi kwabantu ababhekele uhlelo lokuqondisa ubugwegwe nalowo osuke ezovela ngaphambi kwesigcawu.
UZuma ubengahlonizi ukuveza ukuthi ufuna ukulungisa i-ANC ngokuthi ayibuyise ngoba uyithatha njengelahlekile. Uchitha nobuholi bukamengameli wayo uMnuz Cyril Ramaphosa.
Leli qembu belichitha ngisho eyokuxoxa ekahulumeni wobumbano ne-ANC uma engakhishwa uRamaphosa emandleni.
Ngakolunye uhlangothi i-ANC ibala ukhasha ingafuni ukuchitha uRamaphosa ngoba ibilibeka ngembaba elokuthi labo abafuna lo mholi ehambile, abakhohlwe ngeke kwenzeke.
UMbalula wathi bafuna ukulandela yonke imigomo yenhlangano ngaphambi kokuthatha izinyathelo ngoZuma.