ISINGENWE nangezinye izinhlangano indaba yomhlaba weSilo Samabandla, ongaphansi kweNgoyama Trust, asesabise ngokuthi azobhekana ngqo nabagqugquzela lolu daba.
Inhlangano yabangcwabi, iNational Funeral Parlours Association SA, (Nafupa SA), iBlack First Land First, nenhlangano yosiyayinyomfa, iDelangokubona, bonke bathe bazozibona ukuthi bafana nobani abafuna ukudla lo mhlaba.
Lezi zinhlangano bezihlangene emcimbini wokuvula ngokusemthethweni weNafupa SA obuse-Olive Convention Centre eThekwini ngoLwesine ebusuku.
“Basaba ukuthatha umhlaba wamaBhunu, bazoqinela oweNgonyama, bazozibona ukuthi bafana nobani,” kuvutha uMnuz Muzi Hlengwa.
Uthe kuningi abahlele ukuthi bakuthathe ngenkani ngoba isikhathi sokuncenga sesiphelile.
Ubale enye yezinkampani zomshwalense enkulu, ukuthi uma ingavumi ukusebenzisana nabo, bazoyidla ngenkani.
Kanjalo nomhlaba abebethenjiswe wona yiMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, bathe nawo bawubalela izinsuku ezimbalwa ukuthi bawudle uma kungukuthi iMeya ayicacisi.
Le nhlangano isebenzisana neDelangokubona edume ngokufuna ngenkani amathenda akhishwa omasipala KwaZulu-Natal, yiBlack First, Land First eholwa * -Andile Mngxithama, abangcwabi iDoves nezinye izinhlangano.
Owayengumegameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma obeyisimenywa esiqavile kulo mbuthano, uncome ukuhlanganyela izinto kwale mibutho, wathi yikona okuyokhipha abantu abamnyama ekuhluphekeni.
“Ngiyabonga ukuthi ningimeme. Lokhu kusho ukuthi yingoba nisakholwa wukuthi kukhona iqhaza engingalibamba ekuthuthukiseni isizwe sakithi esimnyama,” kusho uZuma obenanelwa yihlombe inkulumo yakhe yonke.
NgokukaZuma, usemkhulu umshikashika okumele wenziwe ekukhululeni abantu abamnyama, phezu kokuthi sekuphele iminyaka engu-24 sakhululeka.
Ugxeke ukuqhwagwa komhlaba wabantu abamnyama njengenye yezimbangela ezaholela ekuhluphekeni kwabantu abamnyama.
Uphinde waveza ukuthi isizathu esiholele ekutheni axoshwe njengomengameli, wukuthi ubesho izinto ezicasula abamhlophe.
“Uma umuntu esho into abamhlophe abangayithandi, uyahlaselwa kusebenziswa abamnyama,” usho kanje.
Uthe lokhu kuwuphawu olusobala lokuthi leli lizwe alikakhululeki kodwa lisesezandleni zabantu abamhlophe. Enkulumeni yakhe, ungene wagxila ekutheni abamhlophe abamfuni kanjani umuntu omnyama onezimibono.
Zonke izikhulumi ebezikulo mcimbi, bezincoma kakhulu uZuma ngeqhaza alibambile ekwakheni leli lizwe.
“Sekuyisikhathi sokuthi umhlaba ubuye ngoba akuzange kuvele kuNkulunkulu ukuthi abantu abamnyama bahlupheke,” kugcizelela uZuma.
UZuma uhlonishwe yiRadical Economic Transformation, njengomholi okwazile ukuthuthukisa ingqalasizinda kuleli lizwe.