BABONGE ukuphuma bengenamyocu abalingisi bakuleli uMona Monyane noSkhulu Skhenjana kusha umuzi wabo kanokusho ngeSonto.
UMona uveze lesi sehlakalo ekhasini lakhe lika-Instagram ngesikhathi efaka ivideo yomuzi wabo usha. Ivideo efakwe uMona ibihambisana nesiqephu sombhalo othi: "20/10/2019 sibuke ikhaya lethu lisha kodwa iyodwa ento ebesiyicabanga, ukubonga uNkulunkulu ngokuthi sisindile sonke. Usathane angakulinga kepha uNkulunkulu unamandla kunabo bonke ubumnyama," kusho uMona.
Laba bashadikazi bashelwa umuzi nje bebesanda kuphumela obala ngobunzima abadlule kubona ngesikhathi beshonelwa indodakazi yabo yesibili ngemva kwezinsuku eziyisikhombisa izelwe ngo-2017. Ebhala ekhasini lakhe ku-Instagram ngoMsombuluko uMona uveze ukuthi okumphatha kabuhlungu ukuthi indlu yabo ishe nomlotha wendodakazi yabo engasekho.
"Ngifikelwa umuzwa wokwesaba ngokulahlekelwa esengibe nakho kuleminyaka engu-29 esengiyiphilile. Ukulahlekelwa umlotha ka-Amani kulo mlilo kube yisifundo esikhulu kimina ngokudlulisa. Impilo iyamangaza. Engikwaziyo kodwa ukuthi uNkulunkulu nezingelosi zami ziwuvikele umndeni wami ngaso sonke isikhathi kanti futhi ngalokho ngiyohlezi ngibonga. Ulale kahle Amani-Amaza," kubhala uMona.
View this post on Instagram
A post shared by Mona Skenjana(@monamonyane) on Oct 22, 2019 at 12:21am PDT
View this post on Instagram
A post shared by Mona Skenjana(@monamonyane) on Oct 22, 2019 at 2:23am PDT