UMNDENI kalowo owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, uthi kusukela ekuqaleni ubuvele ungahambisani nokuqulwa kwecala lokubulawa kwakhe ngabasolwa abavela ngaphambi kwejaji njengamanje.
Lokhu kushowo yilungu lomndeni, uMnuz Sfiso Meyiwa, izolo, emva kokumiswa izinsukwana kwaleli cala.
Ummeli kamsolwa wesihlanu, u-Advocate Zandile Mshololo wenze izethulo zokuthi kumiswe izinsukwana ukuqulwa kwecala ukuze azinike isikhathi ukuthi afunde okuqukethwe yidokodo lesibili eliqhamuke izolo, enkantolo.
Leli dokodo uMshololo athe lifike ezandleni zakhe okokuqala izolo ekuseni, liqukethe ubufakazi obuphendula bonke ababesendlini, ngosuku lwesigameko, abasolwa.UMeyiwa uthe: “Sijabule ngokuthintwa kodaba lwedokodo lesibili enkantolo ngoba konke ebesikusho yonke le minyaka, besikususela kulona,” kusho uMeyiwa.
Uthe bengumndeni kade babesho ukuthi udaba oluyiqiniso, yilolu oluqukethwe yileli dokodo elithintwe wuMshololo, izolo.
“Abantu abafanelwe ukuboshwa, yilaba abangabasolwa kwidokodo lesibili, hhayi laba abavela ngaphambi kwejaji njengamanje,” kusho uMeyiwa.
Uqhube wathi abasolwa abami phambi kwenkantolo kabazi lutho ngokubulawa kukaSenzo.
Uthe bengumndeni kade baba nolwazi ngaleli dokodo okukhulunywa ngalo nokuthi labuyiselwa eceleni ngoba kuvikelwa abathile okukhona kubo namaphoyisa.
“Esifuna inkantolo ikwenze, wukuthi idedele bonke laba abahlanu bese iqala umsebenzi wokushushisa abasolwa bangempela,” kusho uMeyiwa.
Phakathi kwababesendlini ngosuku okwadutshulwa ngalo uSenzo ngo-2014, ngowayeyintombi yakhe uKelly Khumalo, udadewabo uZandie Khumalo, unina wabo uNtombi Khumalo, uLongwe Twala nabangani baSenzo ababili.
Ngesikhathi enza izethulo zakhe, uMshololo uthe, ngeke esakwazi ukuqhubeka nokupheka ngemibuzo ufakazi wokuqala, uSergeant Thabo Mosia.
“Ngenxa yokuthi isitatimende esenziwa ngufakazi osebhokisini njengamanje, asizange sivezwe kumina ngaphambi kokuqala kokuqulwa kwecala,” kusho uMshololo.
“Ngaleso sizathu, angeke ngikwazi ukuqhubeka nokuhloma ufakazi ngemibuzo ngingakakufundi konke okuqukethwe yileli dokodo,” kusho uMshololo.
Uthe emva kokunikwa idokodo lesibili, udinga isikhathi esanele ukuthi ayokufunda konke elikuqukethe ngaphambi kokuba aqhubeke.
Leli cala lizobuyela enkantolo ngoMsombuluko.