IMBONGI ephinde ibe wumlingisi uSbo Da Poet ithi abantu abasha kumele babheke amathuba asezindaweni abakuzo ngaphambi kokuphumela kwezinye izindawo.
"Kuba kuhle ukuzithuthukisa endaweni yangakini kuqala bakwazi abantu bendawo ngoba yibo abazokweseka kukho konke. Ungaphumelela emakhaya," kusho uSbo.
"Nakuba abantu bengibona kothelevishini kodwa angilikhohliwe imuva lapho ngiphuma khona ngoba nakhona izinto ziyenzeka. Ngaqala eMandawe ukuduma ngaba yimbongi yendawo ngaphambi kokuphuma."
USbo ubekhuluma eMzinto Town Hall lapho bekunombuthano wabantu abasha khona. Uveze ukuthi uzimisele ngokusiza abantu abasha baseMdoni, okuyilapho eqhamuka khona, ngokubhala izinkondlo nokulingisa.
Le mbongi iveze ukuthi ayigcini nje kuphela ngokulingisa kwiSibaya kodwa iphinde ifake isandla nasethimbeni elibhalayo.
Lo mbuthano wabantu abasha ubuhlelwe ngabeMgeni Water ngokubambisana neLinda Sibiya Foundation, okuyihlangano yowayengumsakazi woKhozi FM uLinda Sibiya.
ULinda uthe bazokwakhela abantu abasha baseMdoni isikhungo sokuthuthkisa amakhono KwaDumisa.
"Ngesonto elizayo inkampani ezokwakha izoya ukuyobuka indawo bese iyaqala iyakha. Kuzoshaya uNovemba sekubonakala. Asiqali ukwenza into efana nalena yokubuyisela emphakathini. Sike saya eMshwathi sakha isikhungo samakhono futhi eMandeni sinikela ngamakhompyutha khona. Uma sisuka eMdoni sizoya eKing Cetshwayo."
Kulo mcimbi uhlelo obeluphethwe khona umsakazi woKhozi FM uBheka Mchunu bekukhona iMeya yaseMdoni uThabani Dube, amakhansela nabanye.