BAZOWUKHOMBA umuzi onotshwala abadayisa izikhala kulayini wasehhovisi loMnyango wezaseKhaya elisemgwaqeni uMngeni eThekwini.
Lokhu kuvezwe imenenja yaleli hhovisi, uMnuz Mbongeni Magagula, ethe ishaqekile ngokuzwa ukuthi kunabantu abafuna imali kubantu ngokubangenisa ezikhaleni zabo kulayini.
Isalukazi esicele ukungadalulwa, siveze ukuthi sikhokhele amadoda amathathu ukuze abe phambili kulayini kodwa ashaye achitha nemali yaso.
Uthe ufike ekuseni kuleli hhovisi ngoLwesihlanu kwaqhamuka amadoda amathathu acela ukumfunisa indawo yokupaka imoto yakhe.
“Bangilandelile ngasemuva kolayini omude, bathembisa ukuthi bazongifaka esikhaleni esiphambili kulayini uma ngingabanika uR300.
“Ngibe nokungabaza kodwa ngabacela ukuthi behlise imali ngathi nginoR150. Bagcine sebethatha wona,” kusho isalukazi.
Uthe unogada ubembuka ngesikhathi ebanikeza imali, ezama ukumcebisa ukuthi angabaniki. Kodwa wamziba ngoba ebona ubude bukalayini.
Uveze ukuthi enye into emenze wakhokha le mali yingoba akakwazi ukuma isikhathi eside, unenkinga yedolo kanti akazi ukuthi udlala amaqola.
Onogada ababili abebekhona isalukazi siqolwa bathe sebeyazi ngalo mkhuba wabantu abadayisa izikhala kolayini.
Bathe bakhona abantu asebeke bababamba kodwa kunzima ukubona abanye ngoba bafika bengabantu abazokwenza omazisi.
UMagagula obeqaphe ulayini uthe lo mkhuba usunesikhathi uqhubeka kuwo wonke amahhovisi abo.
Uthe selokhu eqale ukusebenza kuleli hhovisi ngoMashi nyakenye, usexoshe inqwaba yabantu abama ngaphandle kwalo ngenhloso yokuqola abantu.
“Sekuphele izinyanga eziyisithupha ngagcina ukuwabona la maqola. Umnyango wethu ubeka eqhulwini abantu asebekhulile ngeminyaka, abakhubazekile nabakhulelwe asebezobeletha.
“Uma izisebenzi zinqaba ukubasiza kumele babike ehhovisi lami,” kusho uMagagula.
Uthe ukhulumile nonogada ukuthi kumele kuqiniswe ezokuphepha, abazobanjwa bazobathumela emaphoyiseni.