IZIBALO zakamuva ziveza ukuthi sandile isibalo sabantu abaqashwe ngokugcwele njengoba abantu abasebenzayo bebalelwa ku-10 176 000.
Lesi sibalo sisuka ku-10 145 000. Lokhu kusho ukuthi kudaleke imisebenzi ewu-31 000 kwikota yesithathu yalo nyaka.
Umfelandawonye wezinyunyana iSaftu, uthe lezi zibalo ezikhishwe yiStatsSA azijabulisi neze ngoba imisebenzi eminingi edalekile ngamatoho.
UMnuz Trevor Shaku okhulumela iSaftu, uthe imisebenzi iye yaphela emkhakheni wezokwakha nokagesi.
Uthe akukho abazokujabulela ngokunyuka kancane kwezibalo zemisebenzi ngoba kuyimanje kunabasebenzi abawu-3 500 abazodilizwa e-ArcelorMittal nabanye abazophelelwa wumsebenzi uma sekuvalwe ingxenye ethile ye-ArcelorMittal.
Uveze ukuthi neNampak ihlela ukudiliza ngakho isazophela imisebenzi.
Ucele uhulumeni ukuba alungise indaba yogesi onqamuka umlibe ukuze izimboni zizokwazi ukusebenza kahle.
Wathi kufanele kulungiswe nezinkinga ezinkampanini zikahulumeni bese kugqugquzelwa osozimboni ukuba batshale imali yabo kuleli.
Waphetha ngokuthi bazoqhubeka nokulwela isibonelelo sabangasebenzi.