AYAVEVA amalungu e-Operation Dudula KwaZulu-Natal, ngesigameko sokuboshwa komunye wabaholi bayo ngezinsolo zokuphehla udlame emphakathini.
UMnuz Philani Gumede (36), we-Operation Dudula, uzinikele esiteshini samaphoyisa eDurban Central, ngoLwesibili, zamkhalela. Uvele eNkantolo yeMantshi eThekwini, izolo ekuseni, yamkhulula ngoR5000 webheyili.
Icala lakhe lihlehliselwe uMeyi 24, 2022, ukuze uMbuso uqhubeke nophenyo.
UMbuso usola uGumede ngokuthi ngoMashi nonyaka, uqophe inkulumo ngeselula wayisabalalisa ngeWhatsApp eyalela izakhamuzi ukuthi zihlasele abokufika futhi kungqongqiswe izitolo nezindawo zabo zokucwala izinwele.
UMnuz Bheki Dzanibe osebuholini be-Operation Dudula KwaZulu-Natal, uthe ukuboshwa kukaGumede yindlela yoMbuso yokubasabisa nokubanqanda ekutheni bangaqhubeki nomkhankaso wabo.
Uthe uGumede uboshelwe ubala futhi uzinikele yena emaphoyiseni ayembizile.
“Sijikelwa ngamaphoyisa okumele ngabe sibambisana nawo ekulweni nobugebengu nokusatshalaliswa kwezidakamizwa eThekwini. Sizowalekelela ekutheni abuyisele emazweni abo abokufika abakuleli ngokungemthetho,” kusho uDzanibe.
UMnuz Zwakele Ndwandwe we-Operation Dudula, uthe inhlangano yabo izonyakazisa wonke amakhona eKZN.
“Siyazi ukuthi amaphoyisa asazosigijimisa ngoba sithinta abantu abangathintwa, abadayisi bezidakamizwa. Ukuboshwa kukaGumede yindlela yokumvala umlomo kodwa siphokophelele phambili,” kuchaza uNdwandwe.
UMbuso uthe icala likaGumede liwela kuSchedule 5, okuyicala elibucayi kakhulu. Uzosayina esiteshini saseMontclair, njalo ngoLwesihlanu phakathi kuka-6 ekuseni no-6 ntambama. Inkantolo imdonse ngendlebe ukuthi angalokothi afake ezinkundleni zokuxhumana inkulumo esusa uthuthuva ngoba uzoboshwa.
Kulindeleke ukuthi ngeSonto, ngoMashi 10, i-Operation Dudula imashele esiteshini samaphoyisa ePhoyinti, isuka eDurban City Hall, emkhankasweni wayo wokulwa nokudayiswa kwezidakamizwa.
Okhulumela uMasipala iTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe akusilona iqiniso ukuthi umkhandlu unike i-Operation Dudula imvume yokumasha. Ucele le nhlangano ukuthi ingasabalalisi imibiko engesilona iqiniso.
“Umasipala usitholile isicelo sabo sokumasha, siyasicubungula.”