BAVUTHA bengabaselwe abazali bezingane ezingakazitholi izikhala ezikoleni eziseGauteng. Kuthiwa kunezinkulungwane zabafundi abasalinde ukuthola izikhala zokufunda ezikoleni yize abazali bababhalisa kudala ngohlelo lwezobuchwepheshe.
[WATCH] Scenes from outside Hoërskool Jeugland in Kempton Park, dozens of parents are voicing their frustrations after their kids were not placed. MEC Chiloane briefed the media at this very school earlier. #GautengEducation pic.twitter.com/GaapsDP8vq
— POWER987News (@POWER987News) January 10, 2023
Lokhu kwenzeka nje, ziyavulwa kusasa izikole ezindaweni ezimaphakathi nezwe okubalwa nesifundazwe saseGauteng.
Kungasele abazali ngaphandle kwamahhovisi ezeMfundo eBenoni, bevutha bengabaselwe bekhala ngokuthi kade babhalisa ohlwini lukahulumeni lokubhalisa ngobuchwepheshe besimanje kodwa kabakazitholi izimpendulo.
“Ngabhalisa ingane yami kusenesikhathi ngonyaka odlule kodwa kuze kube yimanje asikasitholi isikhala. Kusukela ngesonto eledlule, ngathatha isinqumo sokuzizela mathupha lapha kodwa asilutholi usizo. Okubuhlungu kakhulu wukuthi sigqigqa lapha sidoja emisebenzini kodwa asisizakali,” kusho omunye wabazali othi ufike ngo-6 ekuseni esikhungweni semfundo ngenhloso yokufunela ingane yakhe isikhala.
Umzali uthi kungcono athengele ingane yakhe imifaniswano yesikole ayihambise kunoma yisiphi isikole asibona sifanelekile.
UMnyango wezemfundo eGauteng, ukhiphe isimemezelo udalula ukuthi yize zingakathathwa zonke izingane kodwa basebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ziyasizakala.
UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Matome Chiloane, namuhla ubambe isithangami nabezindaba echaza ngenkinga ababhekene nayo yezingane ezingakazitholi izikhala ezikoleni. Uthe bazoxhumana nothishanhloko bezikole ukuze balekelele ekuxazululeni inkinga.
Uthe kumele bakhethe phakathi kokuba nezikole ezigcwele kakhulu noma ukuba nezingane ezingenakuzithola izikhala zikaGrade 1 noGrade 8.