UKUFIKA kweCovid-19 kuleli kuholele ekutheni babe baningi abantu abehlukekayo ukukhokhela izikweletu zabo.
Ongoti abelukeka ngokuphathwa kwezikweletu bathi lokhu kudalwe ukuthi isimo somnotho besivele sisibi abantu behluleka ukukhokhela izikweletu zabo ngendlela eyiyo, kwathi kusenjalo kwafika iCovid-19 ebiphoqa ukuthi eminye imikhakha ivalwe uma kuyizigaba ezithile zokuvalwa kwezwe noma kuphungulwe abasebenzi abasebenzayo. Labo basebenzi bangene ohleni lwabantu abehlulekayo ukukhokhela izikweletu zabo.
Umbiko wakamuva okhishwe yinkampani iVeri Cred Credit Bereau (VCCB), ukhomba ukuthi bangaphezulu kuka-700 000 abantu abangene ngaphansi kohlelo lokubasiza ukuthi bakwazi ukukhokhela izikweletu zabo, i-debt counselling noma i-debt review ngekota yesibili kuleli.
UMnuz Shepherd Silayi, inhloko yophiko oluphethe i-Debt Review enkampanini iNational Debt Advisors (NDA), uthe lesi sibalo okukhulunywa ngaso ngabantu abaqalayo ukungena ngaphansi kwalolu hlelo.
"Amabhange nezinye izikhungo ezibolekisa ngemali zanikeza amakhasimende azo ushwele wokukhokha wezinyanga ezintathu nyakenye. Ngemuva kwalokho kwadingeka ukuthi abantu bakhokhe izikweletu ekubeni emisebenzini babesamile abanye besebenza amahora ehlisiwe. Abanye abantu abaqale bazitshela ukuthi isimo sizolunga ngokuhamba kwesikhathi babona ukuthi isimo siyadlanga babona kungcono ukuthi bangene kuma-debt review," kusho yena.
Uthe njengamanje i-debt counselling iyona engasiza amakhasimende ukuthi angalahlekelwa izimpahla zawo noma angabi negama elibi.
"Abantu basanokudideka ngalolu hlelo. Baluphambanisa nalolu oya esikhungweni esibolekisa ngemali ucele ukuthi sikukhokhele zonke izikweletu bese ukhokhela leso sikhungo imali enivumelene ngayo. Kulolu hlelo uyakhokhelwa izikweletu wena ube nesikweletu esisodwa. Kwi-debt counselling, awukhokhelwa izikweletu, yisikhungo esikusizayo sikukhulumele nobakweletayo batshelwe ukuthi awusakwazi ukukhokha imali ebenivumelene ngayo. Uzokhokha kancane kancane, bacelwe uthi belule isikhathi sokukhokha behlise nentela yesikweletu. Izikweletu uzikhokhela wena, uze uziqede," kusho yena.
Uthe into eyenza ukuthi abantu babe madolonzima ngalolu hlelo wukuthi lunomgomo wokuthi ngesikhathi ungaphansi kwalo awukwazi ukuthatha esinye isikweletu kanti bona basuke besafuna ukuphila impilo ejwayelekile yokwenza isikweletu noma yinini uma bethanda.
"Okunye okwenza abantu besabe, wukuthi baxoxelwa ngabanye ukuthi abaphathekanga kahle kulezo zinkampani ebebengene ngaphansi kwazo bese besabela kude. Iqiniso ukuthi ulwazi oluyilo alufinyeleli kahle kubantu kanti nakithina zikhona izinkampani ezisuke zifuna ukuthola abantu abaningi bese zingabachazeli kahle. Kuthi uma ikhasimende seliba nenkinga, kuba yima litshelwa iqiniso. Lelo khasimende uma selixoxela omunye umuntu ligxeka uhlelo kanti uhlelo alunalutho, yinkampani eyenze okungalungile," kusho uSilayi.
Uqhube wathi abanye abantu balwesaba ngoba bethi luthatha isikhathi eside kanti akunjalo. Umuntu uyakwazi ukukhokha imali ethe xaxa okwenza ukuthi isikweletu sakho sisheshe sehle.
Okunye okusababisa abantu ukuthi awukwazi ukuzikhethela ukuthi yiziphi izikweletu ofuna ukusizwa kuzo, zonke zingena ngaphansi kwalolu hlelo ngoba awukwazi ukuthi kubonakale ukuthi kunebhange elisayithola injengoba injalo imali yalo kodwa elinye lona selithola ingxenye.