ASISHAYELE ihlombe isimemezelo sikaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ngamalungu ezinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathini esiqinisekisa ukuthi bazobhekelelwa, uma sekukhishwa isabelomali somnyango wakhe.
Ememezela izibalo zobugebengu zekota yokugcina, Cele uthe likhulu iqhaza elezinhlaka zomphakathi empini yokulwa nobugebengu.
Uthe kuzobekwa eceleni uR70 million ukubhekelela lezi zinhlaka kuzona zonke izifundazwe.
“Ingxenye yesabelomali soMnyango wamaPhoyisa kulo nyakazimali, izofakwa kuzona zonke izifundazwe ukuxhasa izinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathini, okuzobe kusho ukuthi ngeke zisashoda ngezinsiza ukwenza umsebenzi wazo,” kusho uCele.
Lesi simemezelo sehle kahle kumalungu alezi zinhlaka nathe asibona njengesiqalo esihle ekuqinisekiseni ukuthi enza lo msebenzi akhethelwa kuwo umphakathi ngaphandle kokungena emaphaketheni abo njengoba kwenzeka.
USihlalo weCommunity Policing Forum (CPF) KwaMashu, uNksz Lethuxolo Hlatshwayo, uthe lesi sinqumo sizokwehlisa umthwalo kubona.
“Kunzima kakhulu njengoba singenazo izinsiza ezanele, kumele sikhiphe emaphaketheni ethu. Kwesinye isikhathi umuntu ushayela ucingo esiteshini kutholakale ukuthi mhlawumbe izingcingo azisebenzi. Ucingo uluhloma kithina okusuke sekumele sibone ukuthi usizakala kanjani nokuthi ufika kanjani esiteshini uma kudingeka. Ngakho sethemba ukuthi lesi simemezelo sizolekelela kakhulu,” kusho uHlatshwayo.
UMnuz Mnakiseni Mngadi oyilungu le-CPF eBhambayi, eNanda, uthe yize indawo yaseNanda ilale isibili ngamacala abikiwe okubulawa kwabantu kodwa lokhu akusho ukuthi babulawa khona iningi labo.
“Abantu babulawa kwezinye izindawo bezolahlwa eNanda ngoba isikhathi esiningi kusuke kungabantu abangaziwa. Yebo, zikhona izigameko zokubulawa kwabantu ezibikwayo kodwa akusikhona ukuthi bonke ababulawayo abatholwa endaweni, basuke bebulawe khona,” usho kanje.
Uthe ukubekwa eceleni kwemali ezosiza izinhlaka ezilwa nobugebengu, kuzosiza kakhulu kanti banesifiso sokuthi okungenani nabo bathole isibonelelo esithile. Wathi lokho kungenza omkhulu umehluko ekutheni bathenge okudingekayo njenge-airtime namaselula abasiza ukuxhumana nomphakathi uma kukhona okusolisayo.
UMnuz Eric Mtolo waseMontclair, uthe kuze kudingeke ukuthi asebenzise imoto yakhe ukuhlola endaweni nokuphuthuma lapho ebizwa khona, kanti nomfaniswano abawugqokayo bazithengela bona. Uthe uma bengabhekelelwa okungenani ngemali yesibonelelo njengoba kwenziwa kweminye iminyango, ungehla umthwalo.
Isishoshovu samalungelo abantu, uNkk Mary De Haas, sithe sekunesikhathi eside indawo yaseNanda, Mlaza naKwaMashu, zivela uma kwethulwa izibalo zobugebengu.
“Akukenziwa okwanele ukulwa nobugebengu kulezi ndawo. Isikhathi esiningi izigebengu ezibulala abantu zicasha emahostela nasemijondolo kodwa akukho ukwenziwayo ngamaphoyisa,” kusho uNkk De Haas.
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iSouth African Federation of Trade Unions, ithe ukwenyuka kwezibalo zobugebengu, phakathi kokunye, kudalwa ukusweleka kwamathuba emisebenzi, okwenza abanye bagcine sebebona ubugebengu njengendlela yokuphila.