KUME ukudayiswa kwamathikithi okugibela amabhasi eDurban Transport izolo, ngesikhathi abasebenzi abangamalungu eSouth African Municipal Workers Union (Samwu) belaxaza umsebenzi, bekhala ngokusebenza ngaphansi kwezimo ezinzima.
Izolo Isolezwe lifice amalungu eSamwu adayisa amathikithi,ethi awasakwazi ukuyodayisa emalokishini selokhu kuvalwe ukudayiswa kwamathikithi ngezimpelasonto ngoba, amalungu omphakathi afuna ukuwahlasela.
UMnuz Dumisani Luthuli, onguSihlalo weSamwu eThekwini, uthe amathikithi okugibela amabhasi kamasipala ebedayiswa kakhulu ngempelasonto. “Ukumiswa kohlelo lokudayiswa kwamathikithi ngempelasonto, kubeka engcupheni impilo yabasebenzi futhi kuphazamisa nabagibeli. Uma abasebenzi beyodayisa amathikithi phakathi nezinsuku, umphakathi ufuna ukubashaya ngoba usuke uzitshela ukuthi bebelovile emsebenzini, uma bengawadayisi ngempelasonto kwazise umphakathi awutshelwanga ngalezi zinguquko,” kusho uLuthuli.
Izindawo ezingasawadayisi amathikithi ngezimpelasonto yiseMega City, KwaMashu Station, Nozaza, Bridge City, Malvern, Bluff, Wema, Chesterville, Lamontville nasemakethe eThekwini.
“Abasebenzi bahamba bodwa, akekho obagadayo. Uma kucima i-generator kufanele behle emotweni bayoyikhanyisa. Lokhu kubeka impilo yabo engcupheni ngoba bangabanjwa inkunzi noma balinyazwe yizigebengu. Uma abasebenzi betshela umqashi lezi zingqinamba ababhekene nazo, uvele athi uzobaxosha aqashe abantu abaswele umsebenzi,” kusho uLuthuli.
Uveze ukuthi amabhasi kawanayo imishini yokupholisa umoya, bayafa wukushisa.
Uthe ngisho kunyuka imali yokugibela abasebenzi abadayisa amathikithi abatshelwa ngalokho, bazithola sebexabana nabantu uma sebebashayela amathikithi asho enye imali.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku uthe: “Abaphathi baxoxa nezinyunyana ngalolu daba. Isixazululo sizotholakala maduze. Siyaxolisa ngokuphazamiseka okudalwe yilesi simo,” kusho uMayisela.
Uthe okwamanje abantu bazokwazi ukuthenga amathikithi koSizakala Centre eMhlanga, KwaMashu, Pinetown, kuFlorence Mkhize eThekwini naseMega City eMlaza ngo-7.30 ekuseni kuze kube wu-15.30 ntambama. ESizakala Centre eMlaza kuyavulwa nangoMgqibelo ngo-7.30 kuvalwe ngo-11.30 ekuseni.