AKUSENSUKU zatshwala ukuthi uMasipala iTheku uthenge umshini wobuchwepheshe besimanje iSatellite Leak Detector okwazi ukuzitholela ngokwawo amapayipi amanzi avuzayo.
Cishe ingxenye yamanzi aseThekwini iyamosheka ngenxa yengqalasizinda esindala namapayipi avuzayo.
Uma ugcina uthengiwe lo mshini, lokhu kuzokwenza lo mkhandlu ube ngowokuqala eNingizimu Afrika ukuba nawo.
Lo masipala uthi ukuthengwa kwalo mshini kuzowulekelela ekutheni ulethe isixazululo enkingeni yamanzi obhekene nayo.
IMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ithe umshini uzobalekelela ekutheni baqoqe imali ethe xaxa yezikweletu zamanzi futhi banciphise umthamo wamanzi amoshekayo.
“Umshini uzoba ubufakazi bokuthi umasipala usebenza ngokungenamkhawulo ezinhlelweni eziletha izixazululo enkingeni yamanzi. Lokhu kusho ukukhula kwesibalo sabantu abazothola amanzi,” kusho uKaunda.
Ube esecela abantu abahlala ezindaweni ezingaphansi kweTheku ukuthi babikele umasipala ngamapayipi avuza amanzi, abawebayo nalabo abacekela phansi ingqalasizinda yamanzi kuhlanganisa nabantu abazixhumela wona ngokungemthetho.
Ngalokhu uKaunda uthe kuzolekelela ekutheni kube ncane kakhulu ukunqamuka kwamanzi okubikwayo kuqinisekise ukuthi abantu bawathola njalo amanzi.
Umasipala uthi izigameko zokwebiwa kwamanzi ziwulahlekisela ngemali eningi.
INingizimu Afrika isesontweni elaziwa ngokuthi iNational Water Week (Mashi 20-26), lokufundisa umphakathi ngeqhaza okumele ulibambe ekongiweni kwamanzi.
UMkhandlu iTheku ukhumbuze abantu ukuthi izwe liya ngokushodelwa amanzi okudalwa nawukuthi nsuku zaphuma siyakhula isibalo sabantu abadinga amanzi.