BATHUKUTHELE bayaveva abantu baseWeenen ngabakuchaza njengokugcwanekwa ngamakhansela amabili e-ANC asebenza eMkhandliwini Inkosi Langalibalele anikelele abahlwempu ngezikhwebu zommbila namaphakethe kasawoti.
Izithombe zamalungu omphakathi emi ulayini phambi kwawo kukhona izikhwebu zommbila eziyisithupha, zisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.
Omunye wabathole ummbila uNksz Sizakele Mchunu uthe baphatheke kabi befuqwa ngezikhwebu zommbila ekubeni bebelindele ukuthola izijumbane zokudla.
“Ngicikeke ngafa sinikwa ummbila. Angazi bekuthiwa kasiwenzeni ngoba sitshalile emakhaya,” kusho uNksz Mchunu.
Ikhansela lendawo elimele i-IFP uMnuz Lucas Mvelase lithe licikekile yilesi senzo ngoba amakhansela e-ANC awazange alazise nangokuthi azoza kwi-ward yakhe.
“Lesi senzo siwukudelela umphakathi. Kuzona zonke izinto ebezingaphiwa abantu kungakhethwa ummbila?” kubuza uMvelase.
UMvelase usole la makhansela ngokudlala ngemizwa yabantu.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal Ricardo Mthembu uthe nakuba bengalwazi udaba kodwa abakukhuthazi ukuthi kudlalwe ngabantu.
“Abantu kumele balandele imigugu efanele uma bedinga ukuthola usizo lwezijumbane ngokuthi baye komasipala noma emahhovisi oMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi. Thina njenge-ANC sithi umuntu noma enikela akangabaphi abantu into angeke ayidle kwayena ngoba lokhu kuwukubehlisa isithunzi,” kusho uMthembu.
Intsha yaseMaqongqo ngaseMgungundlovu, ebinomkhankaso wokukhuleka wezinsuku ezingu-21 zokumiswa kwezinto ukuze kugwenywe ukusabalala kweCoronavirus, inqume ukuthi ingabe isaqhubeka nokukhuleka kuze kuphele lesi sikhathi ngemuva kokuthi isikhathi sengeziwe.
Ikhethe ukuthi isikhathi esisele isisebenzisele ukusiza umphakathi osubulawa yindlala.
Le ntsha esenhlanganweni iNathi Development Foundation, igxile ekuthuthukiseni kwenye ngamakhono obuciko nokusiza abantu abanebala elimhlophe ngezingqinamba ababhekana nazo.
NgoLwesine iphothule umkhankaso wokukhulekela ukuthi igciwane lingasabalali ngemuva kwezinsuku ezingu-21, ikhuleka ngokubambisana nabefundisi bakule ndawo.
Umsunguli wenhlangano uMnuz Nathi Zuma, uthe umkhuleko wasentabeni uhambe kahle kodwa banqume ukuthi bangabe besaqhubeka nokukhuleka kulesi sikhathi esengezwe uMengameli Cyril Ramaphosa ngoba babona omunye umthelela ongemuhle wegciwane ozobulala abantu, okuyindlala.
“Imindeni ephethwe ngababamba amatoho nabadayisa izinto ezimisiwe, ihlaselwe yindlala. Abakwazi ukusebenza ngenxa yemithetho ehambisana nokumiswa kwezinto eziningi kuleli. Sibone kungcono sicele osomabhizinisi bendawo ukuthi banikelele le mindeni,” kusho
yena.
Uthe inkampani yonogada iMagma Security ibasize ngezijumbane zokudla ezinikelelwe imindeni ebingasenalutho ezoludla engu-1 500 ngoMgqibelo.
Kusenjalo, uMbhishobhi Bongolwethu Mzozo webandla Isithelo sikaJehova eVerulam yena ngoMgqibelo unikelele abantu abangu-45, ngegilosa yokudla
kaR1 000, umndeni ngamunye.
UMBHISHOBHI Bongolwethu Mzozo (ofake ihembe elimhlophe phakathi nendawo) onikelele abantu abangu-45, ngegilosa eVurulam ngoMgqibelo Isithombe: Sithunyelwe
Izolo (ngeSonto) unikelele abantu abangu-20 ngegilosa.
Uthe bakhona nabanye asazobasiza ngalesi sikhathi sobhubhane lweCorona.
Ubuholi bomakadebona boMkhonto weSizwe eThekwini nabo bunikele ngezijumbane zokudla kwabampofu eChesterville.