UNGQONGQOSHE kaGesi nezaMandla, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthi inkukhu inqunywe umlomo kulabo abebethi ugesi awucishwa ngenxa yokuthi sekusondele ukhetho.
URamakgopa uthe ukuqhubeka kokungacishwa kukagesi noma ukhetho seludlulile kukhombisa ngokusobala ukuthi babesenga ezimithiyo labo ababethi kuzobuya ukucishwa kukagesi emva kokhetho lwangoMeyi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko.
Sekuphele izinsuku ezingaphezu kuka-100 ugesi ungacishwa.
Kwagcina ngo-2020 ukuba ugesi ungacishwa izinsuku eziningi kangaka zilandelana.
Ukucishwa kukagesi kwagcina ngoMashi, kusele isikhathi esingaphansi kwezinyanga ezimbili kubanjwe ukhetho lwangoMeyi.
URamokgopa uthe ukungacishwa kukagesi isikhathi eside kanje kukhombisa ngokusobala ukuthi uhulumeni uzoyinqoba inkinga kagesi.
“Ngaphambi kokhetho bekukuningi ukukhuluma. Kukhona ababethi ugesi awucishwa ngoba kuza ukhetho. Ngesikhathi umengameli esungula uMnyango kaGesi, wasinikeza izinto ezimbili afuna sizenze.
“Eyokuqala wathi ufuna ukuthi ugesi ungacishwa kakhulu. Lokho ngicabanga ukuthi sesikwazile ukukwenza. Okwesibili wathi ufuna ukuthi siyiqede nya eyokucishwa kukagesi. Ngokwami ngibona siza kahle okwamanje.”
URamokgopa uthe bayaqhubeka nokwandisa umthamo kagesi.
Ukhale ngomasipala athe ukwehluleka kwabo kwenza ukuthi ucishwe ugesi kwezinye izindawo yize izwe linogesi owanele.
“Ngenxa yokuthi sinogesi owanele njengamanje, kunenkinga entsha esiyiqaphelile. Kunabantu othola ukuthi bahlala isikhathi eside bengenawo ugesi, kwesinye isikhathi kuba izinsuku ugesi ungekho. Lokhu kungenxa yokwehluleka komasipala ukunakekela ingqalasizinda. Kugcina sekufuneka ukuthi kucishwe ugesi ngenxa yokuthi ingqalasizinda endala iyehluleka ukumelana nomthamo omningi kagesi. Ezinye izinkinga ukungaphathwa ngendlela kwezimali komasipala, nokungabikhona kwabantu abazi umsebenzi.”
Uthe le nkinga uzoyikhuluma noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa.
URamokgopa uthe nakuba kukuningi osekwenziwe, ayikapheli inkinga yokushoda kukagesi.
“Asikaphumi enkingeni. Kuzothatha isikhathi eside ukuthi siyinqobe le mpi.”
URamokgopa uthe ngale kwenkinga yokushoda kukagesi, kubuye kube nenkinga yokuthi abantu abaningi abawukhokheli.
URamokgopa ukhale ngokumba eqolo kukagesi, wathi kwenza ukuthi abantu abaningi bangakwazi ukuwukhokhela.
“Uma ingabhekisiswa indaba yokunyuka kukagesi, sizokuba nenkinga ezweni. Abantu abaningi abakwazi ukuthenga ugesi ngenxa yesimo somnotho. Abantu kufanele bakhethe phakathi kokuthenga isinkwa nokuthenga ugesi. Ekugcineni abantu bakhetha ukuthenga isinkwa. Osomabhizinisi nabo banenkinga yokuthi abakwazi ukuqhuba amabhizinisi abo ngenxa yokubiza kukagesi.”