UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal buthi azimoshela isikhathi amalungu ale nhlangano afuna ukuba kuhlakazwe isigungu senhlangano esisanda kukhethwa kwisifunda, iMoses Mabhida.
Bakusho lokhu ngesikhathi bephendula incwadi yabameli ebhalwe amalungu enhlangano angeneme, asabisa ngokuya enkantolo uma bungahlakazwa ubuholi besifunda obukhethwe engqungqutheleni ebingenyanga edlule.
Encwadini yabameli, amalungu ale nhlangano akhale ngokuthi akuzange kulandelwe imigudu ngesikhathi kuhlelwa ingqungquthela okwakhethwa kuyo iMeya kaMasipala uMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, njengosihlalo we-ANC kulesi sifunda.
La malungu, okunguMnuz Mlu Zondi kanye noMnuz Emafini Nobaza, abenikeze i-ANC izinsuku eziyisikhombisa ukuba ihlakaze lobu buholi.
Kepha unobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe azibethusi nakancane izinsongo zala malungu.
Encwadini yokuphendula la malungu ebonwe yiSolezwe, uNtuli uchaze lamalungu njengo“makhalanjalo” abathanda ukusabisa.
“Ngifisa ukukusho ukuthi abantu obamele babukeka bengabantu abathandayo ukufaka izikhalo. Ngaphambi kwengqungquthela basibhalela incwadi yabameli. Kuleyo ncwadi basonga ngokuthi bazokuya kofuna isivimbelo senkantolo, uma izikhalo zabo zingalungiswa ngaphambi kokuthi kube nengqungquthela.
“Emva kokuthi sibaphendulile, ababange besaya enkantolo. Namanje basaphinda bafaka izikhalo ezifanayo nalezo ezisencwadini eyedlule.”
UNtuli uthe ngabe adlala ngesikhathi lama lungu uma engaya enkantolo.
Amalungu anganelisekile athi ithimba lesikhashana ebelihola i-ANC kulesi sifunda, belingenalo igunya lokuhlela ingqungquthela ngenxa yokuthi bese liphelelwe yisikhathi.
La malungu aphinde akhale ngokuthi kunamagatsha angu-21 avunyelwa ukuba abe yingxenye yengqungquthela yize kwakunezikhalo ezazingakaxazululwa kuwona.
Kepha uNtuli uzichithile zonke lezikhalazo zamalungu.
UNtuli uthe iningi lalezi zinto ezishiwo yilamalungu ziyinzwabethi.
Uthe zonke izikhalazo ezazifakwe amagatsha zaxazululwa ngaphambi kwengqungquthela.
“Okumangazayo ukuthi babala ngisho namagatsha angazange afake izikhalo, bathi ayenezikhalo ezingaxazululwanga. ”
UNtuli uphinde wakuchitha ukuthi ithimba lesikhashana ebelihola i-ANC kulesi sifunda lalingenalo ilungelo lokuhlela ingqungquthela.
Uthe ngesikhathi kuphela isikhathi elalibekelwe sona, ubuholi be-ANC baphinde baliqoka kabusha leli thimba.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta omunye wabafakeisikhalo, uZondi, ukuqinisekisile ukuthi bafake isikhalo nokuthi sebeyitholile impendulo.
Ebuzwa ukuthi bazolufaka yini udaba enkantolo, uZondi akazange aphumele obala.
Kepha izolo ube esebhala kwiFacebook ukuthi lolu daba uzolufaka enkantolo.
“Singenza noma yini engavikela i-ANC, ingakho ngizofaka amaphepha enkantolo kulezi zinsuku okumisa ubuholi baseMoses Mabhida. Okubalulekile angisabiseki futhi angisabi muntu.”