ISHIYE kukhalwa imvula enamandla ehlasele eMnambithi, ngempelasonto, neholele ekutheni izakhamuzi eziningi zisale dengwane, ezinye ziphuthunyiswe ezibhedlela.
Izakhamuzi zaseRoosboom kuWard 11, Ward 13 noWard 25 ngaphansi koMasipala i-Alfred Duma, zilahlekelwe amakhaya kulandela isichotho ebesihambisana nemvula nesiphepho esinamandla ngoMgqibelo, ngezithuba zehora lesikhombisa ebusuku.
Izitolo zomphakathi, izigxobo zikagesi, imizi, izinkulisa, izibaya zemfuyo, amathangi amanzi, ifenisha yasendlini, kubikwa ukuthi kusale kubheke phezulu, umoya uphephula kwasani kule ndawo.
Ikhansela laseRoosboom, uMnuz Sphamandla Khumalo, lithe imizi elimele miningi kakhulu, kanti okwamanje isabalelwa ngaphezulu kuka-100, kuthi abantu abalimele babe u-15 nokusaqhutshekwa nokubala. Yize isimo sinzima, uKhumalo uthe babonga ukuthi akukho sidumbu esiphumile. Uthe banxenxa lonke usizo kubantu nezinhlangano ezinganikela ngokudla, izincwadi nemifaniswano yesikole, izinto zokwakha nezingubo zokulala.
"Isichotho besihambisana nomoya onamandla, kwaqala ngokuphephuka kophahla emzini eminingi kwase kwenzeka inhlekelele abantu bagcina besala dengwane. Abanye balimele nezingane, sibize abezokuphepha kumasipala ebusuku. Sesibabizile nabase-Eskom ngoba ugesi wonakele. Bagcine bekhosela komakhelwane abangasenayo imizi. Imikhukhu eyakhiwe okwamanje eyokugcina izimpahla ezisindile," kusho uKhumalo.
Imizamo yokuthola izakhamuzi ayiphumelelanga njengoba Isolezwe lithole ukuthi umphakathi uwunawo ugesi kulandela umonakalo, noKhumalo ubesesemhlanganweni kamasipala.
Ekhasini likaFacebook lezakhamuzi zakule ndawo zilokhu zibalise njalo, omunye wabo usomabhizinisi wendawo yokuzicwala uLeeDarky Ngwanelihle, unameke isithombe seLisah Hair and Beauty Salon, ephephukile. "Ayike i-salon asisenayo eRoosboom, ihambe nomoya. Ngaze ngabuhlungu," kubalisa uLeeDarky kuleli khasi. USfundo Jobe ukhale ngezindlu zakubo ezintathu nazo ezicekeleke phansi.
Imizamo yokuthola imeya kamasipala ngezinhlelo zokulekelela abakhahlamezekile ayiphumelelanga njengoba ibibambeke namakhansela emhlanganweni ophathelene nomonakalo.