Bathi bafe olwembiza ngokukhothama kweSilo samaBandla wonke, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, abadayisi basemgwaqweni edolobheni KwaNongoma.
Laba badayisi bathe babona ikusasa limfiliba kubo, basabela ukuthi bazohlukunyezwa ingasekho iMbube ebibakhulumela.
Namhlanje, laba badayisi bahlele ukungayi kodayisa, njengengxenye yokuhlonipha Isilo esitshalwe ngaphambi kokuthi kuse namhlanje.
Omunye walaba badayisi, uNkk Erene Ntshangase (73) odayisa izithombo edolobheni, uthe bebethembele kakhulu kwiSilo njengomvikeli wabo ekuhlukunyezweni.
"Bebehlezi besihlukumeza, afike azosikhuzela ethi singabantu bakhe, asingahlukunyezwa. Ngesikhathi sizwa ukuthi Isilo asisekho, sakhala kakhulu ngoba sasingazi ukuthi ikusasa lisiphatheleni."
UNkk Ntshangase uthe akusebenzekanga izolo ngenxa yobuhlungu.
"Ngiyenza nje ngoba ngilambile. Kodwa kusasa (namhlanje) angizi."
UNkk Ntshangase, uthe ulikhumbula sengathi beluyizolo usuku okwabekwa ngalo okaNdaba.
"Bese ngiyintombi ngaleso sikhathi, kodwa ke ukuthi umuntu wayengakanaki kakhulu izinto."
UNkk Gezi Khumalo, yena odayisa imvunulo, ukhala uyazithulisa.
Uthe unethemba lokuthi uMkhosi woMhlanga usazoqhubeka.
"Umuntu ubedla ngawo umhlanga. Bengingalamba unyaka wonke kepha bengazi ukuthi ngosuku lomhlanga ngizolala ngidlile ngoba bekuthengwa.
"Neziyalo nje Isilo ebesizikhipha ngosuku lomhlanga beziphilisa ngisho nakithi esesadlula ebuntombini. Ubuze ufise sengathi izingane ziyayizwa le nto ebisuke ishiwo."
UNkk Khumalo uthe naye ngeke asebenze namhlanje.
"Inkinga ngoba akusavumelekile ukuhamba, umuntu uzozila ehlezi endlini."
UNkk Maggie Sithole, uthe kwavele kwahlwa emini mhla ezwa izindaba zokuguqa koMdala.
"Kade sihlangana sibe amaqoqo sibabaza. Kunzima. Asazi ukuthi ikusasa lisiphatheleni."