SEBEWAFANISA nesiqalekiso amaholidi kaKhisimusi abantu baseNdumeni abakhala ngokulahlekelwa yizihlobo zabo, kucekelekele phansi nemizi nezimpahla ngenxa yezikhukhula.
Lo masipala kusukela ngo-2021 ubhekana nenhlekelele yemvula enamandla egcina ithathe imiphefumulo.
Kusele izinsuku ezintantu kube uKhisimusi izindawo zaseDundee ezingaphansi koMasipala waseNdumeni zikhahlanyezwe izikhukhula ezihambisana nokuduma kwezulu nombani.
UNksz Thembeni Mkhonza (70) waseSithembile eGlencoe, uthe balahlekelwe igilosa abebeyikhokhele kanzima unyaka wonke bethi bazozijabulisa ngayo behlangene beyimindeni. Kuyimanje uthe baphila ngokukhangezwa ukudla ehholo lomphakathi emuva kokulahlekelwa yikho konke.
Uthe babonga umasipala osukumele phezulu nosizo.
Imeya yomasipala uMnuz Siyabonga Ndlovu, uthe inyanga kaDisemba sebeyayesaba ngoba ngo-2021 behlelwa okufanayo.
“NgoDisemba 2021 sagilwa imvula eyadlula nemiphefumulo yabantu. Ngoka-2022 kwasiphinda lokho njengoba namanje sekwenzekile. Angisayiphathike eyombani, usudlalela lapha ezindaweni zaseNdumeni njengoba kulokhu ubulale umfana oneminyaka engu-13,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi kuhlasela imvula ngoDisemba 18, kucekelekele phansi izikole, amanzi angena ezindlini kweminye imizi kwantata ifenisha nokudla.
UNdlovu uveze ukuthi banezinhlelo zokuba imindeni ethintekayo ithole usizo ngokushesha njengoba isakhoseliswe ehholo lomphakathi.
“Sizama nokulungida udaba lwezinduku zokuvika izulu.”