Umkhuleko uzobanjwa namhlanje ngaphandle komuzi wakhe eNkandla.
NJENGOBA kusekuncane okuvelayo ngokugula kowayengumengameli wakuleli, uJacob Zuma, abalandeli bakhe sebehlele umkhuleko wokumcelela ukuba alulame ngokushesha.
Umkhuleko uzobanjwa namhlanje ngaphandle komuzi wakhe eNkandla.
Kulindeleke ukuthi uhanjelwe ngamabandla ehlukene, abaculi bomculo wokholo namalungu ophiko lomama, i-ANC Women’s League.
UZuma, odonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 ebhadla ejele eliseMtshezi ngecala lokudelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo, ungeniswe esibhedlela esingaphandle kwejele ngesonto eledlule.
Kusukela uZuma engeniswe esibhedlela, abalandeli bakhe babambe umoya, njengoba kungacaci ngesimo sempilo yakhe.
Ukungeniswa kwakhe esibhedlela kuholele ekutheni engabe esakwazi ukuvela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngoLwesibili, lapho bekufanele kulalelwe khona icala lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa.
Ngokwencwadi ebhalwe ngudokotela osophikweni lombutho wezokuvikela, impilo kaZuma isengcupheni.
Le ncwadi esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, iveza ukuthi kuzothatha izinyanga eziyisithupha ukuba uZuma alulame.
Abalandeli bakhe bathe bakubone kubalulekile ukuba bakhulekele impilo yakhe.
Omunye wabahleli bomkhuleko wanamhlanje, uNkk Alice Mthembu, oyilungu lePhalamende, uthe umkhuleko ubalulekile ngalesi sikhathi.
“Umkhuleko uyadingeka kakhulu ngalesi sikhathi. Sikhulekela ukuba uNkulunkulu ahlenge impilo yakhe. Ezikhathini ezinzima kanje uNkulunkulu kuphela ongangenelela.
“Umndeni kaZuma uyawudinga umkhuleko ukuze ukwazi ukumelana nesimo. Siyadinga ukuba sikhulekele ukuba kwehle amaphaphu kubantu nozinzo kubantu abalimele imimoya,” kusho yena.
UNkk Mthembu uthe bahlele ukuba kulandelwe yonke imigomo ebekelwe ukulwa nokusabalala kweCorona kulo mkhuleko.
“Sikubeke kwacaca ukuba bonke abantu abeza emkhulekweni kufanele bafake izifonyo. Sizoqikelela ukuthi inani labantu aleqi ku-100 futhi sizokwenza isiqiniseko sokuthi umkhuleko awuthathi isikhathi esingaphezu kwamahora amabili.
“Kungenzeka mhlampe inkonzo ithi ukweqa kancane emahoreni amabili ngoba phela lena yinkonzo kamoya. Kodwa thina sihlele ukuthi siqede ngesikhathi esizibekele sona.”
Khonamanjalo; inhlangano iJacob Zuma Foundation isisabise ngokuthathela izinyathelo zomthetho abasabalalisa incwadi yokugula kukaZuma.
Ithe incwadi yokugula komuntu iyimfihlo, yathi ukusatshalaliswa kwayo kuwukunyathelwa kwamalungelo kaZuma.