UNkosi Ngidi (Community Liason Officer) ngesikhathi behlisa Iphepha leTypek ebelizonikelwa esikoleni.
Image: Zithunyelwe
Abafundi bakaMatikuletsheni abangaphezu kuka-800,000 eNingizimu Afrika balungiselela ukuhlolwa kweNational Senior Certificate mhlaka-21 kuMfumfu (October). KwaSappi siyaneseka futhi siyaziqhenya ngani. Lesi sigaba sempilo esenikuso siwumphumela wobuqotho, ukuzinikela kwenu, kothisha, imindeni kanye nemiphakathi yenu.
KwaSappi sizinikele ekuthuthukiseni ezemfundo ekusukela emazingeni aphansi. Sisebenzisana nabakwa-TREE, sesiqeqeshe abafundisi besezinkulisa (ECD) abangaphezu kuka-175, ngaloluqeqesho sebeyakwazi ukulekelela izinkulungwane zezingane ezindaweni zasemakhaya ezifana noMandeni, KwaDukuza, Ixopo, Nhlamvini, kanye naseMkhomazi esifundazweni iKwaZulu Natal. Ekuqaleni kwalo nyaka, iSappi inikele ngamathani angaphezu kwama-40 ephepha le-Typek ezikoleni ezingaphezu kuka-120, izikhungo ze-ECD, (izinkulisa) kanye nezinhlangano ezizimele eziseduze kwaseSaiccor, eStanger, neTugela. Leli akulona nje iphepha kepha umkhiqizo wethu owenziwe ngezinsalela zikashukela ezivuselelekayo okuwuphawu lokuzinikela kwethu.
Image: Supplied
I-Matric Excellence Campaign yethu iyaqhubeka nokubungaza abafundi abaphumelele ngamalengiso ngokubaklomelisa ngemifundaze (bursaries), kanye nezinye izinsiza-kufunda. Lolu hlelo siluqondanise nolwe-Back to School olwenziwa uMnyango Wezemfundo (Department of Education).
Izikole ezakhelene namahlathi akwaSappi nazo zihlomulile ngalomnikelo wephepha leTypek.
Image: Zithunyelwe
“Ukweseka ezemfundo emiphakathini yethu kuyisibusiso. Siyakholelwa ekutheni imfundo iyisisekelo semiphakathi echumayo ne phumelelayo. Sinifisela okuhle bafundi baka Matric Class ka-2025, lesi isiqalo sohambo lwenu,” kusho uTebele Makhetha, iHead of Corporate Affairs eSappi SA.