UFUNA ubulungiswa umndeni wowesilisa waseWaterloo, eVerulam, okuthiwa udutshulwe amaphoyisa oMkhandlu weTheku ngoMgqibelo, washonela endaweni yesigameko.
UMnuz Sanele Thembani (24) kuthiwa udutshulwe ngamaphoyisa emgwaqweni uM4 ngasePick n Pay Hyper eDurban North.
Ngokusho kukadadewabo, uNksz Ntokozo Thembani, umufi ubehamba nabangani ngemoto iMazda eyi-double cab, besuka eThekwini belibangise ekhaya eWaterloo.
Uthe abakutholile ukuthi bekunengozi yomgwaqo kule ndawo ngesikhathi kuzodlula imoto ebihamba umufi nabangani bakhe.
“Emotweni bekukhona abebehleli ngaphakathi, kwase kuba khona abathathu abebehleli ngemumva (endaweni evulekile evenini). Umfowethu ubengomunye walaba abebehleli ngemumva,” kucha uNksz Thembani.
Uqhube wathi ngesikhathi besondela ngalapho obekunengozi khona baqaphele ukuthi izimoto ebezingaphambi kwabo bezijika zibuyela emumva.
“Nabo kuthiwa benze okufanayo, belandela lokhu obekwenziwa ezinye izimoto ebeziphambi kwabo. Kube ingaleso sikhathi lapho laba abebehleli nomfowethu ngemumva beqaphela ukuthi amaphoyisa oMkhandlu weTheku ayabadubula,” kusho uNksz Thembani.
Eqhubeka elandisa, uthe kulaba ebebengemumva bathe besuka babebona umufi ewa, ngemumva evenini ewela khona esikhenkeni.
“Ilapho ababone khona ukuthi udutshuliwe ekhanda, base bengqongqoza ewindini, ukutshela obeshayela ukuthi akame ngoba sekukhona inkinga eyenzekile,” kuchaza uNksz Thembani.
Uveze ukuthi amaphoyisa abiziwe ukuzobheka umonakalo asewenzile kodwa kwathatha isikhathi ukuthi eze lapho bese kume khona imoto enomufi.
Ubuye wathi ngesikhathi befika endaweni yesigameko, amaphoyisa abengakhombisi ukuzisola ngecala abese elenzile.
“Sifuna ubulungiswa ngamaphoyisa avele akhetha ukuvulela ngenhlamvu, abulala umfowethu,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa oMkhandlu weTheku uColonel Boysie Zungu uthe: “Ngiyawubona umyalezo, ngicela unginikeze isikhathi ukuthi ngiphenye ngalolu daba, bese ngibuyela kuwena. Amaphoyisa abesebenza izolo ebusuku, awekho alele njengamanje ngakho ngidinga ukuthatha isitatimende kuwona ukuze ngikwazi ukukunika umbiko ogcwele ngokuthi kwenzekeni.”
Okhulumela i- Independent Police Investigative Directorate (IPID) uMnuz Robbie Raburabu uthe i-IPID inalo ulwazi ngesigameko. Wathi kuphenywa amacala amabili, elokubulala nelokuzama ukubulala.