UMNDENI wengwazi yomculo uRobbie Malinga oshone ngoKhisimusi, udalule ukuthi uthathwe wumdlavuza wamanyikwe (pancreatic cancer) ozwe ngawo ngoJuni ususesigabeni sesine.
Umfowabo kaRobbie okhulumela umndeni, uBheki Malinga, uthe bekunzima emndenini ngemuva kokuthola ngokugula komfowabo.
“URobbie Malinga ubenomdlavuza wamanyikwe. Ngesikhathi umndeni uthola ngoJuni kulo nyaka wabe ususesigabeni sesine. Uyacabanga ke.
“Ukugula kumkhubazile ngoba ubengasakwazi ukuhamba nokunyakaza. Ngezinsuku zakhe zokugcina ubengasakwazi nokukhuluma kahle,” kusho uMalinga.
Umngani kaRobbie, uTK Nciza, ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo uthe umndeni, kuhlanganisa nonkosikazi kaRobbie u-Ann bakhulume kabanzi ngokudalula isifo sikaRobbie.
UMFOWABO kaRobbie Malinga, uBheki Malinga, uthe bekunzima emndenini ngemuva kokwazi ngokugula kwakhe ngoJuni nonyaka
“Umndeni nonkosikazi babone ukuthi kubalulekile ukudlulisa lo myalezo ukuze abantu bezokhuluma ngalokhu kugula. Ngoba akukhona ukuthi akekho ongeke aze akuthole. Uye othe umyeni wakhe uphethwe yilokhu futhi etshela izwe.”
Umngani kaRobbie futhi osanda kuthatha umhlalaphansi ekubeni isikhulu e-Universal Music, uDharam Sewraj, uthe ngemuva kokuhlangana nomndeni bavumelene ngokuthi inkonzo yesikhumbuzo ibe kusasa.
“Bakhale ngokuthi ukuba khona kwamaholidi kuphazamisa izinto ngoba azenzeki kahle. Kuzoba ngcono umngcwabo ube ngoLwesibili,” kusho uDharam.
Uthe inkonzo yesikhumbuzo izoba ngoLwesihlanu eGrace Bible Church, eSoweto ngo-12. Inkonzo yomngcwabo izoba seRhema Bible Church ngo-8 ekuseni.
Zombili lezi zinkonzo zivulelekile emphakathini.
Khona manjalo, omunye umngani kaRobbie osebenze naye iminyaka, uMojalefa “Mjakes” Thebe, ukhala ezimathonsi ngokushona kwale nkakha.
NgoLwesibili, zivele zehla mi izinyembezi ngesikhathi ehlangana nabangani bakaRobbie kwiDurban Jazz Festival, eHazelmere Dam.
Yena noRobbie babenenkampani iHit House Records ngaphambi kokuhlukana bazimele.
“Inhliziyo yami ibihlungu. Kukho konke okwenzeka ekugcineni ubesangumfowethu. Sisebenze ndawonye iminyaka engu-16. Konke esakubanga akuthi shu manje. Kubuhlungu,” kusho uMjakes.
Yena noRobbie benza ama-albhamu abaculi baseTS Records uNtando, Brown Dash, Zahara nabanye. NekaNaima Kay bayenza ngokuhlanganyela.
“Ngayidlulisa kudala ingxabano yethu. KumaSama sahlangana washaya amahlaya akhe njengenjwayelo.
“Ngikhumbula zonke izindaba zakhe ayezinonga bese efuna ngifakaze. Ubewuthanda kakhulu futhi nomndeni wakhe ehlale ekhuluma ngoJunior.”
URobbie ushiye emhlabeni unkosikazi, indodana uRobbie Jnr nendodakazi uZanokuhle, uyise uColeman Mgogodlo, unina uJosephine Modise nodadewabo ababili nabafowabo ababili. UMgogodlo ekhuluma kwi-eNCA uthe isiphiwo sokucula uRobbie usithathe kuye ngoba naye unethalente lokucula.