BANXENXE abazali ukuba babalekelele ngokubaseka abafundi abenza u-matric njengoba kuqale ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka.
Abafundi abenza umatric eNkosi Albert Luthuli Secondary, KwaDukuza, benze lesi sicelo ngesikhathi kunomkhuleko wokubaqinisa idolo nokubafisela okuhle.
USthulile Mgobhozi, owenza izifundo ze-commerce, uthe njengoba bebhala banengcindezi.
"Kumele sibe nezindlela zokulwisana nengcindezi ngoba yiyo ezosenza ukuthi singaphumeleli. Ngibonga nothisha abasisekelile kusukela ekuqaleni futhi siyathemba ukuthi sizobajabulisa."
UGwala Msawenkosi, owenza izifundo ze-Physical Science, uthe ubonga othisha ukuthi babanikezile izinsiza ezibasizayo ukuthi bafunde.
"Nginalo uvalo. Ngithanda ukucela ukuthi abazali basiseke ngomkhuleko ukuze sonke sigcine siphasile.“
UNkosikhona Gumede, owenza izifundo ze-Tourism, uthe akasalali, ufunda njalo. Uthe abazali abehlise ukubathuma ukuze bakwazi ukufunda.
U-Esethu Mqabane, obephefumulela phezulu, uthe uyabonga ukwesekwa ngothisha kanye nabazali. Uthe njengoba kubhalwa nje unovalo ngoba kukhona izifundo angenzi kahle kuzo.
Owayengumfundi wakulesi sikole osengusomabhizinisi, uMnuz Mashaya Mthethwa, uthe uyalwazi usizi lwalesi sikole ayefunda kuso phakathi kuka-2011 no-2015.
"Othisha abakaze babongwe ngomsebenzi omuhle abawenzayo yingakho ngibone kufanelekile njengomfundi okhiqizwe yilesi sikole ukuthi ngibabonge futhi ngibakhuthaze ukuthi bangaphelelwa amandla, baqhubeke nomsebenzi omuhle abawenzayo," kusho uMthethwa.
Uthe kuningi osekushintshile kulesi sikole ngoba phambilini besihaqwe yizingqinamba eziningi okubalwa kuzo ukuhlumezana kwabafundi, nomphakathi obuhlezi uzichanasela emagcekeni esikole. Njengoba uMthethwa esephumelele, ubuyisela kulesi sikole ngokuxhasa ngezinto zokutadisha nokubhala.
Uthisomkhulu wakulesi sikole, uMnuz Njabulo Mhlongo, uthe othisha benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abafundi basesimeni esikahle. Nyakenye lesi sikole siphase ngo-93.6% sisuka ku-5%, kanti bafisa ukuthola u100% kulo nyaka.