BASIZWE wumsakazo wesikole abafundi besikole iPhendukani Full Service, eseMadadeni, abadabule o-A abangu-8 umfundi ngamunye.
Laba bafundi uSiyanda Mbonane othole o-A kwi-English, isiZulu, Maths, Life Orientation, Geography, Information Technology, Life Sciences nePhysical Science, kube uZakhona Mposula othole o-A kwisiZulu, English, Maths, LO, Accounting, Life Sciences, Physical Science neGeography, noMahlatsi Masondo othole o-A kwisiZulu, English, Maths, LO, Geography, IT, Life Sciences nePhysical Science. Laba bafundi basizwe yiPhendukani Online FM abebefunda ngayo njengoba bekuvalwe izwe.
USiyanda odinga imizuzu ethe xaxa uma ebhala izivivinyo zakhe, uthe usizakale kakhulu ngoba ubelalela esekhaya izifundo zothisha.
“Sisizakele kakhulu ngoba besibuyela uma singazwanga siyodlala i-programme kathisha ukuze sizwe kahle. Mina ngidinga imizuzu ethe xaxa uma ngibhala nomnyango wanginika lokhu, ngiyajabula ukuthi ngenze kahle. Ngifuna ukwenza iziqu zobudokotela e-UKZN.”
UZakhona uthe yize enenkinga yamehlo kodwa ukwazile ukuphasa ngamalengiso esizwa wumsakazo wesikole kanjalo nezinye izinhlelo ze-TV.
“Ngifuna ukwenza iziqu ze-Actuarial Sciences eWits, ngifisa ukuthola umfundaze. Izinhlelo eziningi zokusiza abafundi okubalwa nezidlala kwiDSTV, uWhatsapp ebesifunda ngawo esikoleni, kungisize kakhulu ekutheni ngiphase kahle.”
UMahlatsi yena uthe usizwe ngukuthi ubeba ngaphambili kukathisha ngesifundo.
“Ubethi uthisha engakafiki kuleso sahluko ngibe sengiphambili kunaye, afike sengidlulile. Lokhu kungisize kakhulu ngoba bengikwazi ukubuyela emuva uma esefundisa. Nomsakazo wesikole usisize kakhulu.”
Uthishanhloko, uMnuz Bheki Kubheka, uthe lo msakazo usize kakhulu esikhathini seCovid-19 kuvalwe izwe.
Uthe kulesi sikole kunabafundi abaphila nokukhubazeka abanye ababamba kancane.
“Zimbalwa izikole ezifuze lezi esifundazweni sethu. Sibonga othisha nabafundi nawo umsakazo ngokuthi benze kahle. NgemiGqibelo singena ekuseni sifunde, umsebenzi uyasha kulesi sikole. Labo abaphila nokukhubazeka sinezinhlelo zabo zokubasiza njengoSiyanda obekudingeka ukuthi engezelwe imizuzu engu-15 uma ebhala ngoba ubhala kancane.”