UTAKULWE yibandla umndeni wakwaNgwane, eMthebeni, enyakatho yeTheku, obese kuphele isikhathi eside uhlala endlini yodaka ebingaqumbeka phansi noma yinini.
Ngemuva kokubona lesi simo lo mndeni ophila ngaphansi kwaso, ibandla iDivine Connection Ministries, eliholwa nguMfundisi Precious Kubheka, lathatha isinqumo sokuba liwakhele indlu lo mndeni.
Muva nje bekukade kunomcimbi omkhulu obuhambisana nomkhuleko lapho obekuzonikezelwa khona ngokusemthethweni umuzi kulo mndeni.
Umcimbi ubukade usemagcekeni akhona kwaNgwane. Lo muzi unamagumbi amane futhi kubize uR90 000 ukuwakha, ngokusho kukaMfu Kubheka.
Ukufaka igxalaba ngenhloso yokushintsha impilo yalo mndeni, uMfu Kubheka ukuchaze njengokufezeka kwephupho lakhe.
Uthe ngonyaka odlule ngesikhathi ebona isimo lo mndeni ophila ngaphansi kwaso, wavele wafikelwa wumbono wokuthi lona ngumthwalo wabo njengebandla.
“Kuyangijabulisa kakhulu ukubona ibandla elineminyaka emihlanu selikwazi ukwenza izinto ezinkulu ngalolu hlobo. Ngibonga uNkulunkulu ngokusinikeza amandla okuba sikwazi ukuqala size siwuphothule lo msebenzi omkhulu kangaka.”
UMnuz Nicholas Ngwane (67) oyinhloko yekhaya, ubonge umusa awuchaze njengongajwayelekile oboniswe yibandla iDivine Connection Ministries.
Uthe ubengazi ukuthi asekhona namanje amabandla akwaziyo ukubeka eqhulwini izidingongqangi zabaswele.
Uthe kuyamthokozisa ukuthola usizo olukhulu kangaka. Noma ebebukeka ejabulile kodwa ubuye wazisola yena uqobo ngokwahluleka ukwakhela umndeni wakhe umuzi.
“Mina ngisebenze iminyaka engaphezulu kuka-30 enkampanini yaseMandeni kodwa ngehluleka ukwakhela umkami nezingane zami ikhaya elinesithunzi,” kusho uNgwane.
UNkk Busisiwe Ngwane (uMaNgcobo) umama wekhaya, naye ubonge ubuholi obuphezulu bebandla ngokuba neso elikwaziyo ukubona lapho okumele kulekelelwe khona.
Kulo mndeni wakwaNgwane kunabantwana abahlanu, bonke abangasebenzi.