Bathole ithuba lokubika ngosizi lwabo abahlala ekhaya labaphila nokukhubazeka i-Jabulani Disabled Centre eMpangeni ngenkathi iMeya kaMasipala wasoMhlathuze uMnuz Xolani Ngwezi ebalethele zikaKhisimusi.
Ngenkathi ehambele lelikhaya uNgwezi ubephelezelwe iMeya yesifunda i-King Cetshwayo uMnuz Thami Ntuli.
UNgwezi uthe inhloso yokuvakashela lelikhaya ukuletha uKhisimusi baphinde balalele izikhalo zabahlala kulo ukuze bezokwenza konke okusemandleni ukufaka isandla njengomasipala.
Usihlalo wase-Jabulani Disabled Centre, uMnuz Seluleko Sithole uveze ukuthi bahlalele ovalweni njengoba besethubeni lokuphucwa lelikhaya.
Uthe kuhlala abantu abangu-20 futhi bonke baphila nokukhubazeka okuhlukene kanti baziphilisa ngokudayisa imisebenzi yezandla abazakhela yona.
“Sengihlale lapha iminyaka eminingi kakhulu engaphezulu kuka-22 kanti yonke into beyihamba kahle futhi besizisebenzela kungekho lutho olusiphazamisayo.
“Kwathi uma kuqala unyaka ka-2016 umlungu ongumnikazi wendawo wasitshela ukuthi kuzomele sisuke ngoba ufuna ukuyidayisa indawo esihlezi kuyona ngoba eyakhe, kwabe sekuvalwa ugesi namanzi sahlala iminyaka emithathu singenawo ugesi nezigebengu zizingenela emini zintshontshe,” kuchaza uSithole.
Uqhube wathi ukufika kweziMeya ukuzobona isimo senhlalo salelikhaya kufana nokuthola isipho sikaKhisimusi abangasoze basikhohlwa njengabahlali.
Omunye wabahlala kulelikhaya uNksz Zinhle Nxumalo (57), uthe angajabula uma isimo senhlalo singafana nakudala ngoba kwakufika izivakashi ezivela ngaphandle zizothenga imisebenzi yezandla bese bethola ithuba lokwenza imali abazoziphilisa ngayo.
Emva kokulalela izikhalazo, iMeya uNgwezi ithe bayathemba ukuthi ukufika kwabo njengoMasipala wasoMhlathuze kuzokwenza umehluko kulaba abahlala kulelikhaya kanti bayaqinisekisa ukuthi bazozama ukuthinta iminyango eyahlukene ukuze bezokwakhelwa ikhaya labo kuphinde kulungiswe namanzi.
“Sizophinde sizame ukuthinta umnikazi wendawo ukuze sizozwa kahle isimo salendawo, angeke ngikwazi ukudalula usuku oluqondile lwazo zonke lezinhlelo kodwa ngokubheka kwami kuwudaba oluphuthumayo ngoba izidingo zabantu kumele sizibeke emqoka,” kuchaza uNgwezi.
IMeya yesiFunda i-King Cetshwayo uMnuz Thami Ntuli, uthe uzoqinisekisa ukuthi bonke omasipala abakwiKing Cetshwayo bahambela wonke amakhaya abaphila nokukhubazeka kanye nabadala ukuze bezokhombisa ukuthi abawakhohliwe njengoba kuyizinsuku zaKhisimusi.