Sebekhethe ukuzinikela otshwaleni abantu baseGreen Point, Samaria naseKimberley Hostel ngenxa yobubha nokuswela amathuba emisebenzi.
Lokhu bakusho ngesikhathi behanjelwe yilungu lesigungu esiphezulu leNkatha Freedom Party eliphinde libe yiMeya yesiFunda uMzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, ngempelasonto eKimberley.
Abantu bale ndawo bathi yize bazi ukuthi utshwala akusona isixazululo kodwa baye bebone kungcono ukuphuza kunokuhlala beqhatha usizi ngezinkinga ababhekene nazo.
UMnu Godfrey Peterson (47) uthe usehlale iminyaka eyisikhombisa engawutholi umsebenzi.
"Nginezingane ezine ezibheke mina eseziphila ngesibonelelo sezingane. La kule ndawo basikhumbula uma sekuzoyiwa okhethweni, izindlu esihlala kuzona azinamanzi, ugesi sawuxhunyelwa izinyokanyoka ngoba asikaze sifakelwe. Sesithembele kuMntwana waKwaPhindangene iNkosi Mangosuthu Buthelezi neqembu lakhe, ukuthi yibo esebezosisiza,“ kusho uPeterson.
IMeya uNgubane ithe: "Thina njengeqembu leNkatha safundiswa wuMntwana waKwaPhindangene ukuthi singazenzi izethembiso esingeke sizifeze. Sifike sayibona impilo enzima ephilwa ngabantu bale ndawo okungamele ukuthi iphilwe ngabantu abavotayo.
“Okusiphathi kabi wukuthi kusenabantu abangenawo ugesi yize nawo uhlupha njengoba uwugqamu-cishi, kuyamangaza ukuthi kunabantu abangenawo nhlobo,“