BABHEKE lukhulu koyinhloko yamajaji, uMandisa Maya, othathe izintambo ngokusemthethweni ngeSonto.
IJaji Maya, oyinhloko yamajaji yesifazane yokuqala kuleli, uthathe ngokusemthethweni emva kokushiya kobeyinhloko yamajaji, uRaymond Zondo, othathe umhlalaphansi ekupheleni kwenyanga eyedlule.
Amaqembu ezepolitiki nezinhlaka zezobulungiswa bathe balindele lukhulu kuJaji Maya.
Inhlangano eqapha ukusebenza kwamajaji, iJudges Matter, ithe ziningi izinselelo ezisabhekene nezobulungiswa.
UMnuz Mbekezeli Benjamin weJudges Matter, uthe inkinga enkulu imayelana nokuphathwa kwezinkantolo.
UBenjamin uthe uZondo uzamile ukuyilungisa le nkinga kule minyaka emibili ephethe.
“Kodwa ke usazisile ukuthi ugcine engakwazanga ukuyilungisa, wayesazama ukubonana nomengameli. Manje uMaya kufanele aqhubeke nalolu daba. Sizimisele ukusebenzisana naye sizophinde siqaphe ukusebenza kwakhe.”
UBenjamin uthe nakuba ezobulungiswa zibhekene nezinselelo eziningi uyakuncoma ukuzimela kwazo.
Inhlangano ehola uhulumeni wokubambisana, i-ANC, ithe ukuthatha izintambo kweJaji Maya kufakazela ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla kuzala impumelelo.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Zuko Godlimpi, uthe uMaya uyisibonelo esihle ezweni.
“Uzinikele emsebenzini wakhe. Uzokuba owesifazane wokuqala ukungena kulesi sikhundla. Lokhu kufeza izifiso ze-ANC zokuba kube nezinguquko, abesifazane baqokelwe ezikhundleni zokuphatha kuzo zonke izinhlaka zomphakathi. Simfisela inhlanhla njengoba ethatha lolu hambo. Siyazibophezela ekumesekeni ngayo yonke indlela.”
I-ActionSA ithe ukuthatha kukaMaya kuyinto enkulu emlandweni wakuleli.
Umholi we-ActionSA ePhalamende, uMnuz Athol Trollip, uthe ukuthatha kukaMaya kufanele kuze nezinguquko ezinqala kwezobulungiswa.
“Kufanele sifunde kulokhu esidlule kukhona, bese sithuthukisa ukusebenza kwezobulungiswa.”
Bobabili uGodlimpi noTrollip baphinde bancoma iqhaza likaZondo abathe uyibambe ishisa.
Bathe uZondo wakwazi ukwenza umsebenzi wakhe ngokungesabi yize kwakukhona ababemchapha ngazo zonke izinhlamba.
UMaya waqokwa uMengameli, uCyril Ramaphosa, ngoJulayi.
Ubeyiphini lenhloko yamajaji, nokuyisikhundla aqokelwa kuso ngo-2022.
Ngaphambi kwalokho ubengumengameli weNkantolo yezokuDluliswa kwamaCala kuleli, nokuyisikhundla aqokelwa kuso ngo-2017.